Ezokungcebeleka

Umlingisi ufele imali yomshwalensi

AMAPHOYISA aseGugulethu, eKapa, abophe abasolwa ababili mayelana necala lokufa komlingisi uDavid Manuel.

UDavid obedlala indawo kaFreddy Gums kumdlalo iNoem My Skollie, udutshulwe wabulawa ngaphandle komuzi wakhe eGugulethu, ngoLwesibili mhla ka-8 Okthoba.

Kube sekuboshwa amalunga omndeni amabili owesilisa nowesifazane mayelana naleli cala.

Isakhamuzi sakule ndawo ezazibonela ngo “see” isigameko senzeka, sithe abasolwa bebezama ukuthola imali yomshwalensi, kodwa ibhange lavala wonke ama-akhawunti.

“Bebekhononda nje, kulezi zinsuku bethi ibhange alifuni ukudedela imali yabo. Bebeya zonke izinsuku. Kuyacaca ukuthi ibhange belingayidedeli ngoba libona ukuthi kukhona okushaya amanzi. Samangala uma sesizwa ukuthi lama lunga omndeni aboshiwe, besingakulindele lokhu okwenzekile,” kusho isakhamuzi.

UDavid Manuel obedlala indawo kaFreddy Gums kumdlalo owaziwa ngokuthi “Noem My Skollie” ubulewe ngenyanga edlule ngaphandle komuzi wakhe.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Wesley Twigg usiqinisekisile lesi sigameko uthe:” NgoLwesibili mhla ka-12 Novemba abasolwa ababili owesilisa kowesifazane abaneminyaka ephakathi kuka-30 no-40, baboshiwe mayelana necala lokubulala.”

UTwiggy uphinde wagcizelela ukuthi kungenzeka kube khona abanye abantu abazoboshwa.

Ngomhla ka-10 Okthoba iPurpose yabika ngesigameko esifuze lesi lapho kwaboshwa khona iphoyisa elisolwa ngokubulala abantu abayisithupha.

Leli phoyisa lesifazane elingu Sergeant (43) belisebenzela eSenwabarwana liboshwa ligqoke inyufomu iphelele.

Kuthiwa laqale labajoyinela umshuwalense kanti inhloso yalo ukubasoconga bese lihlomula ngezindodla zemali engaphezulu kwa-10 million.

Related Articles

Back to top button