Injabulo isiteshi seTV sithenga amahhovisi eThekwini
Motshwari Mofokeng
ISITESHI sethelevishini esisakazela umphakathi i-1ZNTV sigubhe iminyaka engu-15 ngesitayela simemezela ukuthi elinye lamahhovisi alo eliseThekwini sebelithengile ngokugcwele.
Eminyakeni edlule lesi siteshi besiqashile kanti ngoLwesine emini abaphathi baso bamemezele ukuthi le ndawo esemgaqweni u-Alan Paton eMbilo, sekungeyabo ngokuphelele.
U-Edwin Mncwango omgumphathi siteshi ubephuphuma injabulo ngesikhathi etshela izihambeli kulo mcimbi lezi zindaba.
“Sibonga uNkulunkulu ngokuthi sesihambe iminyaka engu-15 ishisa, kunezivunguvungu ezinjengokhuvethe ezigadlile kodwa sakwazi ukuvuka sizithintithe saqhubekela phambili. Siyohlale sikulwela ukusebenzela umphakathi ngokuthi sibike kabanzi ngezinto ezithinta bona ngoba lesi siteshi ngesabo,” kusho uMncwango.
Uthe banezinhlelo ezinqala zokuthi bathenge indawo enamahhovisi akomkhulu aseRichards Bay, awaseMsinga nasePort Shepstone ngokuhamba kwesikhathi.
UMncwango ubonge ibhodi asebenzisana nalo, abasemkhakheni we-Marketing and Sales nezintatheli ngokuzikhandla kwabo.
Phakathi kwezikhulu ezihambele lo mcimbi bekukhona uBongani Gina wasehhovisi likaNdunankulu e-KZN, Thabo Mofokeng waseMnyangweni weZemidlalo, ubuCiko namaSiko, uMandla Nsele wakuMaspala weTheku noMusa Mntambo wakwa-KZN Wildlife.
Bonke bancome i-1KZN TV ngamahhovisi abathe kuhle ukuthi wonke umphakathi ungakwazi ukufika kuwo babuye bancoma nezinga lokudlondlobala kwezithombe nama video ezithathwa izintatheli zesiteshi.