Izindaba

Bampimpe obedayisela amantombazane kaMatric insangu

UMPIMPWE omakhelwane umeshenti obevalela izingane zamantombazane zihuqe insangu njengoba zibhalala izivivinyo zikamatric.

Lesi sigameko esithuse abaningi kwazise kubhekwe lukhulu kumfundi kamatric wakulo nyaka senzeke eLamontville, eThekwini.

Ngokubika kweScrolla.Africa amaphoyisa athole indoda (29) endlini eseduzane neskole kunabafundi abayishumi, abayisishiyaga lolunye babo bekungama ntombazane. Bonke laba fundi bebegqoke umfaniswano wesikole njengoba kuyisikhathi sokubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka.

“Abantu babone inqwaba yezingane zesikole zigqoke umfaniswano zingena ziphuma endlini yalo mlisa ngesikhathi sokuzilungiselela izivivinyo zokuphela konyaka,” uRobert Netsiunda oyisikhulumi samaphoyisa kwaZulu-Natal.

Abafundi abayishumi banikezwe isexwayiso phambi kwabazali babo ngaphambi kokuba badedelwe.

Isigameko sabafundi sokusebenzisa izidakwamizwa kwiningi lezikole asiqali ukwenzeka. Ngonyaka ka-2018, eLomontville High School uthishanhloko walesi sikole uSibusiso Khanyile waba nesikhalazo ngendaba yezidakamizwa emva kokubana inqwaba yabafundi, kukhona nabafundi bamantombazane bebhema izidakamizwa.

“Ngesikhathi sizobheka ukuthi kwenzakalani, sithole umsolwa ephethe insangu edayisela abafundi abaseba ncane, ngeminyaka” kusho uNetshiunda.

Asiqali isigameko esifuze lesi, ngo-2019 abafundi baseMpumalanga basabalalisa izithombe zabo kuFacebook bebhema insangu begqoke inyufomu. Laba bafundi abaseMehlobovu Secondary School eNgwenyeni enyakatho neKomatipoort. Kwaze kwathetha ngisho uMnyango wezeMfundo khona.

Related Articles

Back to top button