Ezemidlalo

IBafana ingene ngehubo kwiCaf ingalithintanga ibhola

IQEMBU lesizwe Bafana Bafana isingenile kwiCaf Africa Cup of Nations okwesibili kulandelana yize ingakayiqedi imidlalo yayo yokuhlunga.

Lokhu kulandela ukuthi iCongo Brazzaville ihlulekile ukushaya iSouth Sudan eJuba Stadium ngoLwesine ntambama.

ICongo-Brazzaville iyona ebingakhuba iBafana, kodwa kuvele kwayibhedela kakhulu ishaywa yiSouth Sudan ngo 3-2.

IBafana kumanje ise-Uganda la iyobhekana khona ne-Cranes emdlalweni osufana nethofi.

Njengoba iCongo ihluliwe ngoLwesine, manje isingakwazi ukufinyelela emaphuzwini ayisikhombisa kuphela.

Lokhu kusho ukuthi ngeke isakwazi ukuyifica iBafana enayisishiyagalombili futhi esendaweni yesibili kuGroup K ngemuva kwe-Uganda.

UBroos ubethembise abalandeli bakuleli ukuthi uma iBafana ingangenanga kulo mqhudelwano ozoba seMorocco, uzosula esikhundleni sakhe.

Manje kuyacaca ukuthi asisekho isidingo salokho, kodwa manje sekusele alwele ukubhekana ne-Uganda eMandela National Stadium eKampala ngoLwesihlanu ntambama.

Uma eqeda lapho, bese ebuya kuleli ezobhekana neSouth Sudan e-DHL Stadium eKapa ngoLwesibili.

Khonamanjalo ungumengameli weSafa eThekwini Region uMazwi Mkhize uthi ukudelela isizwe ukuthi kuze kucatshangwe ukufaka abadlali bangaphandle eqenjini lesizwe.

Ubephawula kwiLisenethini.com kulandela isiphakamiso sokuthi kumele ‘kuntshontshwe’ umdlali weMamelodi Sundonws, uLucas Reberio Costa afakwe kwiBafana Bafana.

Lesi siphakamiso senziwe njengoba lo mdlali esekhombise ukuba sezingeni elihle selokhu efikile kwiSundowns ngesizini edlule.

Related Articles

Back to top button