Ezemidlalo

Baphuthunyiswe ezibhedlela koweChiefs neSundowns

Baphuthunyiswe ezibhedlela abadlali kumdlalo obudle ngoqina thambo phakathi weMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs koweBetway Premiership.

Kugqame iziwombe ezingezinhle abadlali abehlukene bala maqembu bephuma ngokwehlukana enkundleni.

Kuqale ngoKeanu Cupido weSundowns okhahlelwe kabuhlungu uSiphelele Ndlovu entanyeni esiwombeni sokuqala.

Kusolakala ukuthi uklunyuke kabi entanyeni ngenxa yalokhu kukhahleleka akutholile.

NoMduduzi Shabalala weKaizer Chiefs uphume sekukubi enkundleni waphuthunyiswa esibhedlela eseklunyuke ihlombe.

UShabalala ubedlaliswe kabi uJayden Adams ogcine ephuma ngekhadi elibomvu. Elesibili ulithole ngemuva kokuzama ukuthenga unompempe.

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso ekhuluma ngemuva komdlalo, usole iKaizer Chiefs ngokuthi idlala kabi.

Wenze isibonelo ngeyakwenza ibhekene ne-Orlando Pirates emasontweni ambalwa edlule.

“Kunzima ukuphawula ngoba kuningi okungashiwo, kodwa kumele ngizame ukuzihlonipha kumabonakude,” kusho uCardoso.

“Ake sicabange ngokwenzeka emdlalweni wePirates ibhekene neChiefs. Nanamuhla kunabadlali ababili abaklunyuke izintamo.

“Unompempe unomsebenzi wokulawula lezi zimo. Akulona ibhola esilifunayo leli.

“Kodwa angifuni ukungena kakhulu kulokho. Emizuzwini yokuqala engu-20 bebesikhahlela kuphela”

Ube esengeza ngokuthi onompempe kuzomele bakulindele lokhu uma bezoshaya impempe emidlalweni yeChiefs ngoba sekuyinto ejwayelekile.

“Onompempe kuzomele bazilungiselele ukuze bazi ukuthi bazobhekana nani,” kuqhuba yena.

“Kumele bazilungiselele ukuze bakwazi ukulawula umdlalo. Akukwazi ukuba nezintamo namahlombe aphukile – abadlali baphuthunyiswe ezibhedlela”

La maqembu agcine ebambana ngo 1-1 eLoftus Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.

Igoli leChiefs livalelwe uDa Silva (25) kwathi elokulinganisa leDowns lashaywa uLeon (54), kwathi umdlali ovelele kwaba uThabiso Monyane.

Lo mphumela usize kakhulu iPirates njengoba isisele ngamaphuzu amathathu kwiSundowns ekubeni isenomdlalo ewugodlile.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button