
Kuvundululwe izidakamizwa zika-13 million eThekwini
Sihle Mkhize
Amaphoyisa waseThekwini, KwaZulu-Natal abambe izidakamizwa ezibiza inani lika 13 million echwebeni lakuleli dolobha.
Lokhu kuza emuva kokuthi amaphoyisa ophiko lweCrime Intelligence enze lo msebenzi ngoLwesibili.
Amaphoyisa athi lo mkhankaso ulandela ukuvundululwa kwezinye izidakamizwa eGauteng, ngo-April kulo nyaka.
Kwavela ukuthi kusetshenziswa ichweba laseThekwini ukungenisa lezi zidakamizwa ziphikelele eGauteng.
Lokhu kwenze amaphoyisa aqaphe ikakhulukazi imikhumbi evela eSouth America.
Ngesikhathi sophenyo lweDurban Operational Response Services (ORS) neSerious Organised Crime Investigation (SOCI) avundulule izitini ezingu-32 okusolwa ukuthi eze cocaine zicashiswe kwenye yamabhasi.
Uphenyo luyaqhubeka ukuthi Lezi zidakamizwa zivela kubani futhi beziya kubani.
IPurpose yabika ngowesilisa obanjwe nezidakamizwa eseziphonse esiswini ngemuva kokundiza esuka eBrazil eya esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo, eMzansi.
Amaphoyisa athi lo wesilisa (21) ubesuka e-Sao Paulo, eBrazil, uboshwe ngemuva kokuba abakwasidlodlo belunywe indlebe.
Wabanjwa ngemuva kuka-12:20 ebusuku ngesikhathi indiza yakhe ifika.
Umshushumbisi wezidakamizwa wesithathu waboshwa esikhumulweni sezindiza emasontweni amabili emva kwalesi sigameko njengoba amaphoyisa eyefasa amabholidi kumkhankaso wabo kumaholidi kaKhisimusi edlule.
Lesi sigameko senzeka ngomhla ka-4 December ngonyaka ofile.



