Izindaba

Zibakhalele abadayisa ngobuzwe bakuleli

Zibakhalele abesifazane ababili ngezinsolo zokudayisa ubuzwe bakuleli.

Laba basebenzi boMnyango Wezasekhaya, uPortia Mtshweni (41) noNondumiso Maboyi (40), bagcinwe esitokisini sikhuluma nje.

Baboshelwe izinsolo zokukhwabanisa.

Ngokombiko womkhulumeli wamaHawks eMpumalanga, Magonseni Nkosi, laba besifazane babesebenza ehhovisi loMnyango Wezasekhaya eSecunda.

Basolwa ngokusiza ngokungemthetho ukukhishwa kwamakhadi kamazisi kubantu abane baseZimbabwe kanye noyedwa waseMozambique.

Kuphinde kubikwe ukuthi ingane yomuntu waseZimbabwe yanikezwa isitifiketi sokuzalwa esingekho emthethweni.

Kanti nonina wanikezwa umazisi waseNingizimu Afrika ngendlela efanayo.

Uphenyo luveze ukuthi laba basolwa basebenzisana nabantu ababebatholela amakhasimende afuna amaphepha angamanga.

Kuze kube manje, ababili kulabo abathola la maphepha sebeboshiwe, abathathu basagcwele amathafa, kanti oyedwa useshonile.

UMtshweni uboshwe mhla zi-30 kuMbasa 2026, kanti uMaboyi uzinikele emaphoyiseni ngemuva kwezinsuku ezimbalwa ezama ukugwema ukuboshwa.

Bobabili bavele eNkantolo yaseSecunda ngoMsombuluko, bagcinwa esitokisini, kanti icala lihlehliselwe mhla zi-7 kuNhlaba 2026 ukuze kuqhutshekwe nesicelo sebheyili.

UThukela News

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button