
UKhuzani uveze amanyundululu kaNgizwe ngolweGBV
Liyah Mseleku
Umculi kaMaskandi uKhuzani Mpungose ubhadlaze amanyundululu kaNgizwe Mchunu okuvele ukuthi washaya umama wengane yakhe wabuya esibhedlela.
Egeqa amagula uKhuzani oyinkukhu nempaka noNgizwe uveze ukuthi lo mama wengane wamfuna ezinkundleni zokuxhumana waze wamthola edinga usizo lwakhe noma luka Julius Malema.
“Indaba isuka lana ngomhla-ka 22 June 2026 uMnuzane Ngizwe Mchunu washaya walimaza kabuhlungu umama wengane yakhe waze wangeniswa esibhedlela.
“Ngokusho kuka mama wengane yakhe wazama ukuyovula icala kodwa uthi akasizakalanga, wabe esengibhalela ngabo lobo busuku ecela ngimsize ukuze ezokwazi ukuthola usizo ngalenhlekelele”
Uthi uMchunu wabe esezwa ukuthi umama wengane yakhe uthinte yena ngalo monakalo awenzile wabe esethi uMpungose ohlohle umama wengane yakhe ukuthi avule icala ukuze aboshwe.
Uthi wabe esemjikijela ngamazwi esho konke okuwukuhlambalaza igama lakhe ngenxa yokuthi wayemsola esigamekweni sakhe nomawengane yakhe.
“Ngifisa ukudlulisa lamazwi kuwena Ngizwe Mchunu ukuthi akumina engathi umama wengane yakho akakuvulele icala ngangingenayo ngisho inombolo yakhe kepha wangibhalela ezinkundleni zokuxhumana engibikela ngalesi sehlo wabe esenginika nenombolo yakhe ukuze ezongithumelela ubufakazi obumayelana nalomuga,”
“Ngakho yekela ukungisolela ubala, uze uhambe uthi kuzozilwa kithi ngoba ngingena izindaba zomuzi wakho, Ivideo yathunyelelwa uyena umama wengane yakho engibonisa ngalo monakalo. Mina angiyikhulumi into engenabo ubufakazi” kubhala uMpungose ezinkundleni zokuxhumana.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMchunu uganwe isithembu.
Ubengakathi vu uMchunu okwamanje ngalezi zinsolo.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



