Ingonyuluka kumlingisi owabamba umyeni eshaya indlwabu
ULAHLEKELWE yikho konke abenakho empilweni umlingisi wakuleli uDenise Zimba owabamba umyeni wakhe uJakob Schlichtig eshaya indlwabu exoxa nentombi efonini.
UZimba ugonyulukile wathi liphume nobovu emshadweni wakhe.
“Okuhle nokubalulekile engizenzele khona, ukuthi ngishiye phansi. Kulo nyaka odlule ngilahlekelwe umndeni wami engazinikela ngobumina bonke ukuthi ngibe nawo. Ngajikelwa abangani ngendlela eyisimanga engibathandayo nabasondelene nenhlizoyo yami bangilahlile,” kukhala uZimba.
UZimba ugonyuluke ngothando, ukulahlekelwa, kanye nokugileka ngesikhathi egubha usuku lwakhe lokuzalwa.
UZimba usanda kuhlukanisa nomyeni wakhe waseGerman uJakob Schlichtig.
NgoJuni, iPurpose ibike ukuthi uZimba ulahle umyeni wakhe ngenxa yokumbamba exoxa nenye intombi efonini ematasa eshaya indlwabu.
Uphinde waveza ukuthi uSchlichtig unqabe ukuthengela umama wakhe ithikithi lendiza ukuthi aye eGerman ukuzomsiza ngezingane, kodwa ukwazile ukukhokhela imishanguzo yekati lakhe eligulayo u-900 pounds.
UZimba ufake isicelo samaphepha enkantolo enkulu yase Goli, okuphikisa isicela sika Schlichtig sokubuyisela izingane zabo ezimbili eGerman.
“Ngibusisekile ukuba nomunye unyaka wempilo, ngikhumbuzekile ukuthi impilo imnandi kangakanani. Ukuthi usangazama ukuqala phansi. Ngijabula kakhulu ukwenza izinto ngendlela ehlukile ngingazidumazi. Amantombazane ami adinga umama ozimiselayo nozihloniphayo, owenza ukulungiswa kuyena,” kubhala uZimba.
USchlichtig uthe uZimba wamshaya wamlimaza, wake wamshaya ngisho nangebhokisi lobisi lwengane.
USchlichtig usola uZimba ngokuthatha izingane ezweni lakhe ngokungemthetho. Manje usehlangane noHulumeni ukuthi babuyisele izingane eGerman ukuyohlala nazo.