Ezokungcebeleka

Obeshade noLatoya ubize uSello ngaphansi kweziketi 

Sane Mseleku

KUXABENE ubendle kumlingisi uSello Maake kaNcube othukwe uLebo Keswa kubangwa indaba kaPearl Mbewana obeshade nalo mlingisi.

Lokhu kuza emuva kokusolwa kwaLebo osanda kuhlukana noLatoya ukuthi umbatha ngubo noPearl naye ongasahlekisani noSello.

Ngokusho komthombo osondelene nabo uthe, uSello usola uPearl ngokuba nobudlelwane noLebo osanda kuba undabamlonyeni

ULebo unikwe uSello ehambusana namaphoyisa incwadi yokuvikela.

Ube esebhala enkundleni yezokuxhumana iX ukuthi ungibhixa ngobende, inyama engayidlanga.

Uqhube wathi :”Sello, unesibindi sokufika emzini wami ugcwalise amaphoyisa, utshele nomphathi wala ngihlala khona ukuthi uzonginika incwadi yokuthi ngingasondeli kuwe. Angazi uhlalaphi, futhi angikaze ngikuhluphe. V***tsek Ms@#$&-$u. Awuzithembi ucabanga ukuthi ngilala nomkakho,” ubhale kanje.

Ngesikhathi ebuzwa uSello ukuthi uke wangathembeka yini emshadweni wakhe, uphendule wathi: “Ngibekwa njengesoka elinobudlelwano nabesifazane abaningi. Iyiphi indoda kuleli enganazo izintombi eziningi? Lokho ngikwenza uma ngingekho ebudlelwaneni. Angeke asho uPearl ukuthi uke waba naleyo nkinga yokungabi nesmilo kwami.”

Related Articles

Back to top button