Kusolwa amangqimungqimu kunqanyulwa iReality Show
Sane Mseleku
EMUVA kokujabulisa abalandeli ama-seasons amathathu, iMultichoice inqamule iReal Housewives of Johannesburg.
Le nkampani ibeke izaba zokuthi kwesinye seziqephu kwaliwa kwabanjanwa ngezandla.
Lokho kushiya imibuzo ngoba kwiReality Show vele kusuke kulindelwe izigemegeme zangempela.
Ngakolunye uhlangothi uSonia onguphrojusa walolu hlelo ukhala ngokuthi ukweletwa yile nkampani isamba semali engango R600 000.
“Mhlawumbe bese sekuyisikhathi sokuqhubekela phambili nempilo” kusho uphrojusa uSonia Mbele.
USonia ubeke kanje ngoMsombuluko ntambama emuva kokuba iMultichoice inqamule lolu hlelo, ngemuva kokungaboni ngaso linye kwakhe nomsakazeli.
USonia ubongwe kakhulu ngomsebenzi omuhle awenzile kwiseason yesithathu yohlelo, ebilidlala ngonyaka odlule ngonyaka odlule.
Uveze ukuthi iMultichoice inqume ukunqamula uhlelo ngezizathu ezithile.
Lo mlingisi owazakhela ugazi kwiGenerations uthi wayekulangezelele ukubuya iReal Housewives of Johannesburg kuthelevishini kusukela kwiseason yokuqala ngo-2018.
USonia ube nengxoxo noBarrie Kelly, omkhuthaze ukuthi akukapheli ngaye usengenza ezibukwayo ngeReal Housewives.
UBerrie wayeyisekela mongameli weNBC Universal ye-International Format Production and Development.
“Angazi lokhu kuchazani kodwa usungazama kwamanye amaReal Housewives omhlaba ngoba usunaso ispiliyoni. Mhlawumbe kumele uyosebenza kwamanye amazwe angaphandle, angazi kwenzekani kuleli laseNingizimu-Africa sonke sesalahlekelwa ubuntu nonembeza,” kuphawula uKelly.
NgoDisemba wonyaka odlule uSonia waveza ukuthi amalunga eRHOJ awakhokhelwe, wathi akakwazi ukubakhokhela njengoba esalinde imali kwiMzansi Magic.
USonia ubeke wathi wayekweletwa imali engaphezu kwaR600 000.
UMbele uthe uyakweletwa, izandla zakhe ziboshiwe njengoba besalinde ukukhokhelwa imali yaseason 3.
USeason 3 wamiswa ngo-Epreli 2021 ngezizathu ezingacacile.