Umzwilili womculi udalula imfihlo eyamyekisa ipolitiki
KWANDE kaZIKIZA
UMZWILILI womculi uThandiswa Mazwai uthi akazisoli ngokungaziphilisi ngomsebenzi awufundela we-English Literature and International Relations.
Ubekhuluma kwi-East Coast Radio ohlelweni lwasekuseni olushayelwa uCarol Ofori.
Kulezi zinsuku useThekwini njengoba ephromotha i-albhamu yakhe entsha kanti uhlele ikhonsathi eThe Playhouse ezoba ngoMayi.
“Eqinisweni umculo wawungekho eqhulwini ezintweni engangifuna ukuzenza noma ngiphile ngazo uma sengikhulile. Ngezifundo engazenza ngangifuna ukungena kwipolitiki ngoba ngiwumuntu othanda ukuxukuzisa umqondo nokubeka imibono ngenhloso yokuthi kuyiwe phambili. Ngenhlanhla lo mculo engikuwo unginike ukuthi imiyalezo engifuna ukuyidlulisa ilalelwe ngamaculo engiwabhalile,”kusho lo mculi owazakhela udumo ecula emaqenjini iJacknife neBongo Maffin.
Uqhube ngokukhumbuzisa abalandeli bakhe ukuthi kulo nyaka ugubha iminyaka engu-20 kwaphuma i-albhamu eyashisa izikhotha ethi Zabalaza.
“Igama elithi Sankofa elolwini lwaseGhana iTwi, lichaza ukuthi hamba uyolanda okushiye ngemuva. Izingoma engiza nazo ziqukethe umyalezo wokuthi abantu kumele baphole ebuhlungwini abadlule kubo. Ngixube isigqi somculo wesiXhosa, Umbaqanga, Funk, Jazz ne-Reggae,”kulandisa yena.
Ukukhipha i-albhamu esihloko Sankofa uthi ukwenze ngamabomu ngoba kule minyaka izwe lithole inkululeko.
Uthi naye kuningi akuzuzile, kodwa ukholwa wukuthi abaholi abanikwe igunya lokuphatha izwe, bengenza kangcono.
Le albhamu iqoshwe eGoli, Dakar naseNew York kwahlangana ophrojusa abanohlonze abanjengoMeshell degeocello, Chris Bruce, Nduduzo Makhathini, Tendai Shoko naye uThandiswa uqobo.
Njengoba iNingizimu Afrika igubha iminyaka engu-30 yathola inkululeko, uThandiswa yena useneminyaka engu-29 esemculweni.
UThandiswa uzalwa e-Eastern Cape.