Ezokungcebeleka

AbeShaka Ilembe baphika ekashevu kuqoshwa

KWANDE kaZIKIZA

ISASASA lokubuya kweSeason 2 ye-Shaka iLembe selidungwe ukuputshuka kwezindaba zokuphuma kwezidumbu zabantu ababili.

Kuvele amahlebezi okuthi kushone abantu abasebenza sithe abadle ukudla obekunoshevu.

Kodwa isitatimende esikhishwe abeMzansi Magic ekhombisa lo mdlalo sikuchithile konke osekusabalele emithonjeni yabezindaba nasezinkundleni zokuxhumana. Lesi siteshi sithe uyedwa kuphela umuntu oshonile.

“UMzansi Magic uyakuphika ukuthi ukudla obekudliwa abasebenza kulo mdlalo bekushevu. Umuntu oshonile ilowo oyimake-up artist obeqashwe izinsukwana. Ngosuku lwesibili efika ezoqhuba umsebenzi ubike ukuthi akazizwa kahle esola ukuhlaselwa umkhuhlane. Kusukunywe ngokushesha waphuthunyiswa kodokotela, kwathintwa labo asondelene nabo ukuba azolandwa. Ngebhadi isimo sakhe asibanga ngcono wase eshona ngemuva kwezinsuku ezintathu. Sidlulisa amazwi endunduzo kumndeni wakhe nakubangani njengoba begubuzelwe ileli lifu elimnyama,”kubeka isitatimende.

USeason 2 walo mdlalo okhuluma ngempilo yenkosi uShaka kaSenzangakhona, uzokhuza ibuya ngoJulayi 2.
Uzobe usushaya ngabalingisi abasha abazobe beholwa isiphalaphala uNomzamo Mbatha, odlala indawo kanina kaShaka iNdlovukazi Nandi.

UThabo Mnguni olingisa indawo kaMfundisi UMbatha kuZalo, esiteshini uSABC 1, ungomunye wabalingisi abasha abathole ithuba lokukhombisa ikhono lakhe.

Related Articles

Back to top button