Ezokungcebeleka

UDJ Zinhle ususe umsindo ngokungaqasheki kwentsha

Sane Mseleku

UDJ Zinhle ophinde abe ngusomabhizinisi uvuse umunyu kwintsha yaseNingizimu Africa engasebenzi ngesikhathi ethi ayiqasheki.

Le ntokazi iwundaba mlonyeni kwizinkundla zokuxhumana iX, kulandela inkulumo yakhe ngesikhathi enenkulumo ngxoxo kwiRadio 702 noRelebogile Mabotja.

Ubeke wathi: “Inkinga ngentsha yakuleli akukhona nje ukuthi ayisebenzi, kodwa iningi layo aliqasheki ngoba alinawo amakhono adingekayo. Kuyangihlupha ukuthi kuthatha isikhathi eside, kunesifanele ukuthola abantu abafanele ukuvala izikhala ezitolo ze-Era, ezweni elinentsha engasebenzi,” usho kanje.

I-Era isitolo semfashini yokuhloba esaqalwa uDJ Zinhle ngo-2012. Lesi sitolo sesikwaze ukusabalala saqasha inqwaba yabasebenzi kanti IBrand inezitolo eziwu-6 ezweni lonke.

UZinhle wenze wayekhuluma iqala le nyanga kodwa ivideo ize yasabalala manje.
Iningi libuza ukuthi imaphi amakhono adingeka kwintsha, uSizwe Dhlomo uvikele uZinhle wathi hhayi ukuthi udelela noma ubukela phansi intsha kodwa uyayizwela.

Ubeke wathi imfundo yakuleli ayikho eqopheleni futhi ayigqugquzeli intsha ukuthi ibe kwimakethe.

Ngemumva kwesikhashana abantu beshiya abangalazi, uDJ Zinhle uthe uyajabula ukuthi kukhulunywa ngalesimo. Uphinde waxolisa kakhulu kubantu abaphathe kabi inkulumo yakhe.

“Bengingayihlaseli intsha ngempela,” kusho uZinhle.

UDJ Zinhle uqhubeke wabuza ukuthi yikuphi okungenziwa ukuthuthukisa intsha yakuleli ukulungela ukuqashwa, nokuthi ngabe abantu bayakuphika yini ukuthi abawutholi umsebenzi abawufunayo ngoba abanawo amakhono adingekayo.

“Abantu bakhulumela ingxenye eyodwa yabantu abafundile baphothula izifundo zabo abangawutholi umsebenzi, angisho ukuthi abaludingi usizo, kodwa kumele sicabangele intsha yonkana,” kusho yena.

Related Articles

Back to top button