Kumshubele uMrepha kuvuka amacala akudala ocansi
Siwe Shozi
USean “Diddy” Combs usolwa ngokunukubeza ngokocansi owayemodela futhi nowake wawina umncintiswano weMTV’s Model Mission competition show ngonyaka ka-1998.
Leli cala livulwe izolo eNewyork, livulwa uCrytstal McKinney. UCrystal uthi wafakelwa isidakamizwa esithize ngaphambi kokuba adlwengulwe umsolwa.
Konke lokhu uthi kwenzeka ngonyaka ka-2003 kulandela emuva komcimbi weMen’s Fashion Week khona eNewyork.
Ngaleso sikhathi McKinney wayeneminyaka engu-22 ubudala. Uthi waqala ukubonana noCombs ngesikhathi sesidlo sakusihlwa.
“Ngendlela ayengibuka ngakhona, kwakukhombisa ukuthi ungibuka samuntu vele amubona sengathi angazibandakanya naye ngokocansi,” kusho uCrystal.
Kusenjalo ke wathi ngimufonele, ngamuthemba ke ngoba ewumuntu ofuna ukufezekisa iphupho lami. Ngalobo busuku wangibizela lapho eqophela khona umculo wakhe.
Uma sesifika makho wanginika uhlobo lwesidakamizwa ekuthiwa iMarijuana futhi elokhu ethi angimulandele uma eya endlini yokugezela.
“Uma sesifika lapho waqala ukungiqabula ngaphandle kwemvume yami, kusenjalo wafuna sizibandakanye ngokocansi. Emuva kwalapho ngavele ngabhocobala futhi ngalala ngangazazi,” usho kanje.
Uqhube wathi, waphaphama esemotweni eyiswa lapho ekwakuhlala khona umuntu omthungela izingubo zokumodela ngaleso sikhathi. Naye wasola sengathi ubukeka edlwenguliwe ngokwesimo ayekusona.
Abeziko lezindaba iCNN izamile ukuthola abakhulumela uCombs nezinhlangothi zonke ezithintekayo kodwa behluleka.
Emuva kwalesi sigameko waba nengcindezi kakhulu uMcKinney. Waqala waphuza utshwala wadla nezidakamizwa ethi uzama ukudlulisa konke okwenzeka.
Kuthiwa kuze kube inamhlanje usanenkinga ethinta ingqondo ngoba kudingeka itshe lemali ukuze ayolashwa lomonakalo owenzeka kuyena.
Kuvela leli cala nje kuthiwa abomthetho basanda kuthola ivideo kaCombs eshaya owayeyintombi yakhe ngo-2016, uCassie.
Kuvela nokuthi naye uCassie ngathi wake waba isisulu socansi, edlwengulwa nguye uCombs.
UCombz ube esexolisa ngesonto ngalokhu ayekwenza kule vidoe avela kuyona eshaya uCassie.
Ummeli kaCassie uMeredith Firetog uthi: “Ngalesi sikhathi uCassie nabanye abesifazane bephumela obala, wayethi bamubophela amanqina enyathi futhi bafuna imali yakhe,” kusho uFiretog.
Kuvezwe nokuthi icala lesikhombisa leli ayamaniswa nalo uCombz ezinyangeni nje eziyisithupha.
Ayisithupha awokunukubeza ngokocansi kanye ke naleli elivulwe izolo. Kuwona wonke kusayileli elithinta uCassie elisaquliwe futhi wabuthola ubulungiswa.
Iziphathimandla zomthetho sezike zagasela emzini kaDiddy kulo nyaka ngomhlaka-25 Mashi ngoba usolwa nangobugebengu bokushushumbisa abantu.