Injabulo ‘kozele’ engenela isicoco sikaMiss SA
Siwe Shozi
AKABAKHOHLWA abantu ngendlela ababelibiza ngakhona igama lakhe, bemunxusa ukuthi naye akangenele umncintiswano wonobuhle obizwa ngoMiss South Africa.
UNoluthando “mama wesizwe” Mthimkhulu oneminyaka engu-25 ubudala, ukumodela bekuyinto ayithandayo kusukela esasemabangeni phansi.
Le ntokazi izinze eThekwini kodwa idabuka eGamalakhe, ePort Shepstone. UNoluthando usanda kwetheswa iziqu zePublic Finance and Accounting eMangosuthu University Of Technology.
Uphinde abe umsunguli we-Expression With Pearl. Lapho usuke enikezeka ithemba kubantu aseke bavelelwa izigameko ezithize ekukhuleni kwabo.
Ukholelwa kakhulu ekupheni nasekulapheni izinhliziyo eziphukile.
Uthi ke lona unyaka wesibili ezama inhlanhla ukungenela uMiss SA.
“Kule minyaka edlule bengingakwazi ukungenela lo mcintiswano ngoba nginomntwana, abantu abanezingane kuleminyaka edlule bebengavumelekile” kusho uNoluthando.
Ngonyaka ka-2022 kumenyezelwe ukuthi abanezingane kanye nabashadile sebevumelekile ukuthi bawungenele uMiss SA.
Ngonyaka odlule ube esewungenela naye ngebhadi akuhambanga kahle, nakulo nyaka akazithelanga ngabandayo, ungomunye wabathumele amavideo abo.
“Ngiyajabula ukuthi imithetho yalabo nobuhle isishintshile. Angisoze ngabuthi qothu ubuthongo ngalelo langa mhla nami elami igama lavela kwiTop30 kaMiss SA” kusho uNoluthando.
Useke wangenela nemincintiswano yonobuhle ebizwa ngeFace of Funky, Face of Township, Miss KZN universe, Miss eThekwini kanye neminye eminingi.
Uphethe ngokuthi ufuna ukuba yisibonelo esihle entsheni eza ngemuva kwakhe nakulabo abaseduze kwakhe.
Njengoba kuyisikhathi sokuthweswa kwabafundi basemaNyuvesi iziqu naye ungomunye wabazinikele ukuthi kukhona abafundi azobagqokisa ngoba ukholelwa ekusizeni abantu.