Ezokungcebeleka

Umcimbi weSukasambe uzobanjelwa kuMasipala weTheku ngoLwesithathu

Lo mcimbi kwakuhlelwe ukuthi ube ngoFebhrwari kulo nyaka wabuye wahlehliswa

Siwe Shozi

IDOLOBHA laseThekwini yilo elizosingatha umcimbi osuke uhlelwe uMnyango wezeMidlalo kanye namaCiko owaziwa ngeSukasambe.

Lo mcimbi kwakuhlelwe ukuthi ube ngoFebhrwari kulo nyaka wabuye wahlehliswa.

Wethulwa ebantwini ngonyaka odlule kuMasipala waseMajuba.
Umcimbi weSukasambe sewuke wayiswa ezindaweni ezifana naseMzinyathi, uThukela, uMkhanyakude, uMgugundlovu, iLembe kanye naseKing Cetshwayo.

Intaba ibekelwe amazolo njengoba kulo mcimbi kuhlelwe ukuthi abantu basendaweni baveze amakhono abanawo ukuze kubhekwe ukuthi angasimamiswa kanjani.

Le ndawo yaseNanda inomlando omuhle futhi idume kakhulu njengoba kuyilapho kudabuka khona uDr John Langalibalele Dube.

Akusikona lokho kuphela uMengameli wokuqala wentando yeningi uDr Nelson Mandela wavota khona.

Kuzobe kukhona nezinsiza okulindeleke ukuthi zidluliselwe emphakathini.
Konke lokho kuzobe kwenzeka enkundleni yezemidlalo ebizwa ngeJL Dube Stadium.

Inhlolokhono ezobhekwa ithinta izinhlobonhlobo zomculo, kubalwa uMaskandi,Hip Hop, Gospel kanye nokuhaywa kwezinkondlo.

Abaculi abasafufusa bazophinde bathole nethuba lokufundiswa kabanzi ngomculo kodwa ngohlelo lokuthi baqale babhalise emakhanseleni abawakhele.

Related Articles

Back to top button