Ilindelwe izinkumbi zabantu i-Offramp Experience ePortshepstone
Lo mcimbi kulindileke ukuthi uhlomulise le ndawo ngokuqoqa umnotho ovela kumagumbe amane omhlaba
Sane Mseleku
USHAYA ibuya okwesibili umcimbi waminyaka yonke i-Offramp Experience obanjelwa ePortshepstone, kwaZulu-Natal.
Lo mcimbi kulindileke ukuthi uhlomulise le ndawo ngokuqoqa umnotho ovela kumagumbe amane omhlaba.
Umsunguli we-Offramp Experiance uMnuz Siyabonga Msomi akaqali ukuhlela imicimbi emikhulu enjengalena, njengoba ehlela umcimbi waminyaka yonke i-Ugu Jazz Festival eyenzeka ngoJune ePortshepston.
Zizobe zibuya njengoba izosuka nge-Ultimate Offramp Fishing ngoJuni 23 eMargate Fishing Pier.
Kuzobe sekulandela i-Offramp Soccer Tournament enesteki semali engango-R20 000 ngoJune 23.
NgoJuni 27 kuzoba neGala Dinner in Comedy e-Ugu Sport and Leisure ngokusuku olulandelayo kuyiwe koqwala izintaba kwaXolo Caves.
Kuyothi kubuywa lapho kusuke ukushisa ubumnandi kwiBock Party ngoJubi 28 bese kuthi ngosuku olulandelayo kube umcimbi omkulukazi ku-Ugu Sports and Leisure Centre.
Uhlu lwamaciko azobe enandisa kwiGala Dinner in Comedy kuzobe kuboshelwe uMbuso Khoza noFelix Hlophe kuthi kwi-Block Party kuboshelwe uNxumalo, Goldmax, Happygal, Funky QLA, Andy X, Qhawe, Bruce, Mdix, Volo Da Saint, VK, Zee Tee, Bullistic, Mrango, Quonic, Mondli Mzizi noDJ Tira.
Kuyothi ke ngosuku lomcimbi omkhulukazi iMusic Festival bese kunandisa uMthunzi, Nomfundo Mo, Aymos, Naima K, Mondli Ngcobo, Dj Merlon, Usimamane MC’s, Hope Mbhele, Sizwe Mdlalose noSlwane.
Amathkithi ayatholakala eTicketpro eleDinner in Comedy R350, amathikithi amathathathu kanye nokuvumeleka ukuzitika ngezibiliboco zakhona izikhawu ezintathu.
Offramp Block Party R150 ithikithi eleVIP uR500, Music Festival libize uR200 bese eleVIP lidayiswe ngoR6000