Ithathe elinye igxathu eyabaqeqeshi abayinkukhu nempaka kwiPSL
KWANDE kaZIKIZA
ITHATHE elinye igxathu ingxabano phakathi komqeqeshi we-TS Galaxy uSead Ramovic noweMamelodi Sundowns uRulani Mokwena ngemuva komdlalo weLigi ophele zibambene ngo 1-1 eMbombela Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Laba baqeqeshi bayinkukhu nempaka njengoba bevamise ukungcofana ezithangamini nabezindaba. Indaba yasuswa ukuhlatshwa kukaBernard Parker weGalaxy uBongani Zungu emdlalweni weCarling Black Label Knockout waphuka. Sekudlalwa oweLigi uZungu walinyazwa kanzima nokwenza uMokwena alibeke ngembaba elokuthi uyazi ukuthi uRamovic nguye oyalele abadlali bakhe ukuthi bamhlabe lo mdlali owake wadlala kwiBafana Bafana.
Ngaphambi komdlalo wangoLwesibili iGalaxy igijime yaya eJohannesburg High Court ifuna ukuthi uMokwena abizelwe ukuzochaza kabanzi ngale nkulumo yakhe. Ngemuva komdlalo obushubile enkundleni nocishe wasusa isidumo usuphelile kucishe kubanjwana ngamawashingi, uRamovic ukhulume sakubhuqa ethi uMokwena uyoze alande oLionel Messi, Cristiano Ronaldo noKylian Mbappe uma efuna ukumehlula.
“Okokuqala nje angifuni ukukhuluma ngo “Mr Sunshine” (eqonde uMokwena). Ngikholwa ukuthi wonke umuntu ubonile ukuthi sidlala kamnandi kanjani. Manje iyangixaka le eyokuthi abantu sebangaze bachithe izizumbulu zoR200 million kodwa bahluleke ukusehlula. Engibaluleka khona ukuthi kumele bathenge oMbappe noma uRonaldo noma uMessi ukuze bakwazi ukusishaya. Okunye futhi hleze okungamsiza ukuthi athole izifundo zeqophelo eliphezulu ngoba mina sengikwenzile,” kusho uRamovic.
UMokwena akathandanga ukwanda ngodaba lokubizelwa enkantolo, wathi “sesiyohlangana enkantolo.”
URamovic ugabe ngesitifiketi se-Uefa Pro Licence, ekuyisona sokugcina ezifundweni zokuqeqesha kanti uMokwena, osanda kunqobisa ezakhe isicoco seLigi ihlandla lesikhombisa, yena une-CAF A Licence.