Ubhadanywe esesebhasini owaseZim oshiye kukhalwa
Siwe Shozi
UBANJWE esegibele ibhasi ebaleka elibhekise kwelakubo odubule wabulala umshayeli weloli elidiliva izinkwa kwaSasko nobehamba naye.
Lo msolwa othinteka kuleli cala lokubulala, ubebamba inkunzi. Kulesi sehlakalo akushonanga kuphela umshayeli weloli, kushone nomsizi wakhe imbala.
Lesi sigameko senzeke eDelft ngaphandle kwancane kwaseKapa.
Kwivideo esabalele ezinkundleni zokuxhumana kubonakala abasolwa ababili beqhamuka nezibhamu, ngaleso sikhathi itruck ibikile.
Bakhomba umshayeli nababili ehlezi nabo ngesikhathi ebala imali. Lezi zinswelaboya zibaphuce imali zase zidubula zibhekise kubona kwasinda oyedwa.
Lo msolwa oyedwa osabanjiwe nesiligodlile igama lakhe ungowokudabuka eZimbabwe. Imibiko ithi usebebhasini kwase kuba nomuntu omufanisile ukuthi ngathi uyena lo ofunwa uthuli ngamaphoyisa.
Ube esethumela isithombe sakhe, wabachazela nokuthi ibhasi likuphi nendawo, kwabe ukubanjwa kwakhe kanjalo.
Kuvele nokuthi lomsolwa akaqali ukutholakala ezenzweni zobugengu. Kube sekuvuka namanye amacala okubalwa ukunamba inkunzi.
Khonamanjalo basakhungathekile eZone 5 njengoba kunomunye umsolwa ongowokuzalwa eZimbabwe ogwaze wabulala umfana omuncane obesafunda isikole.
Lo mfana obulewe igama lakhe uLekau Kgomo ubefunda eM.E Makgato School eZone 4, yena ugwazwe wabulawa umsolwa owaziwayo obehlala e-Extension 106.
Lesi sigameko senzeke ngempelasonto esibuya kuyona. Kuthiwa ngeSonto futhi ube esegwaza enye indoda, kwembulwa kwembeswa kuyona esibhedlela sikhuluma nje.
Amaphoyisa asekhiphe isitatimende esithi umsolwa akazinikele yena emaphoyiseni ungakashayi uLwesihlanu.
Inkonzo yesikhumbuzo kaLekau izoba namhlanje esikoleni abefunda kusona.