
Ugeqa amagula umngani womsolwa ovalelwe kwicold room
UGEQA amagula umngani kaBandile Tshabalala (33) oseke waba yisisulu sokuthi avalelwe kwicold room.
Uthi yinto abayijwayele le eCheckers oseRatanda eHeidelberg lapho kwenzeke khona lesi sigameko.
Ulandise ngokuthi uBandile uvalelwe ngo-8 ekuseni kwaze kwashaya u-8 wakusihlwa.
Kuthiwa ubesolwa ngokweba ushokholethi ngesikhathi imenenja imvalela.
Ibe isiyakhohlwa ukuthi ivalele umuntu kwi cold room njengoba ibimjezisa ngecala abelenzile.
Kuthiwa ngesikhathi esetholakala, umzimba wonke ubugcwele u-ayisi futhi esedlulile nasemhlabeni.
Abanye asebenzi bazamile ukumvusa bamthela nangamanzi, kwasho kona ukuthi bafike eseshonile.
“Nami sengike ngazithola ngehlelwa yilesi sehlo kodwa ke mina ngabona kuyikona okuncono kunokuthi ngiye ejele. Kuyabanda uma kuwubisika,” kusho umngani ekhuluma neDaily Sun.
Udadewabo kaBandile, uSimangele Tshabalala oneminyaka engu-36 ubudala uthi waziswa ngokudlula kwamfowabo ngeSonto ebusuku. Uthi wafika umfowabo esemboziwe.
“Ubesakhona lapho etholakale khona eshonile, ngacela ukumbona, umzimba wakhe wawusami ngendlela ebekade efakwe ngakhona lokho kwaphoqa ukuthi imoto yamakhaza imuthathe ekuleso simo,” kulandisa udadewabo.
Uqhube wathi imenenja ayivumanga ukumukhombisa icold room, kuthe ngoMsombuluko abahlali bafike baxakazisa imenenja baze balimaza nesitolo.
UShoprite ube usudlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaTshabalala, bathembisa nokuthi bazophenya ngalolu daba besizana namaphoyisa.
“Lolu daba lubucayi kakhulu kodwa izinyathelo ezifanele zizothathwa uma sekuhlangene lonke uphenyo. Okwamanje ke kusengo lwamaphoyisa,” kusho abakwaShoprite.
Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uNoxolo Khweza uthe likhona icala elivuliwe elithinta lesi sigameko futhi likhona ne dokodo.
Kuvele nokuthi kukhona namanye amadoda amabili aseke aba esimweni esifana nalesi, wona ayebanjwe entshontsha izimpahla.



