Ezokungcebeleka

Umjaho wamahhashi wasemakhaya uza nezinoju

Amkelwa Nguse

NJENGOBA isasasa leDundee July yaminyaka yonke iqhubeka, uMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal bathi bami ngothi lomkhonto.

Basho kanje babambisane neProvincial Gaming and Betting Board, bahlela iTraditional Equine Industry Indaba (TEI) okokuqala ngqa.

Le ngqungquthela yezinsuku ezimbili iqale izolo, ehhotela eBlue Waters iphele eCoastslands Hotel eMusgrave.

Ihlose ukubhekana nezinselelo namathuba angaphakathi kwemijaho yamahhashi.

I-TEI, ebanjelwe eThekwini, iyingxenye yohlelo olubanzi lokuthuthukisa uhlelo oluphelele lomkhakha wemijaho yamahhashi e-KZN kanye nezwe lonke.

Bekugxilwe hhayi kuphela ekuthuthukiseni ezemidlalo ngokwazo kodwa nasekuhloleni lonke uchungechunge lwenani lomnotho elihambisana nawo.

ULungile Mhlaba, isikhulumi esiqavile kwiNdaba, ukugcizelele ukuthi ukushoda kwezinsiza ezifanele emicimbini yesintu yomjaho wamahhashi, kuphazamisa ikhono lokuhlonza imiphumela yomjaho.

“Imijaho eminingi yesintu ayinazo izinsiza ezidingekayo ukuze kuhlomule abaphumelele, kuhlonzwe ngendlela nemiphumela,” kusho uMhlaba.

Ngaphandle kwalezi zinselelo, ucwaningo luphinde lwaveza amathuba athembisayo omkhakha wemijaho yamahhashi wendabuko.

“Uma ithuthukiswe futhi isekelwa njengemboni esemthethweni. Imijaho yamahhashi inamandla okudala amathuba emisebenzi angaba ngu-2,104,” kulandisa yena.

UMnuz Sandile Mbonambi obemele isikhulu esiphezulu eKZN emnyangweni uMnuz Mike Mthembu uthe:” Ukubheja kuwumgogodla wezezimali wemijaho yamahhashi,” usho kanje.

Udalule nokuthi umthelela wezomnotho wemicimbi yemijaho yamahhashi efana neDundee July uyabonakala.

Kuthiwa selokhu yasungulwa ngo-2012, iDundee July isifake imali elinganiselwa ezigidini emnothweni wakuleli.

 

 

 

 

Related Articles

Back to top button