Ezokungcebeleka

Kubonwa ngokusa kumlingisi odliwe amaPitbulls

Sindiswa Nxumalo

Kubonwa ngokusa kumlingisi weGenerations: The Legacy, uMondli Thusi, okubikwa ukuthi namanje usagcinwe esibhedlela.

Lokhu kuza ngemuva kokuhlaselwa wuhlobo lwezinja eziyingozi ezimbili amaPitbulls.

Zimhlasele ngaphandle kwendawo ahlala kuyona eBoksburg, eGauteng.

Lesi sigameko senzeka mhla zizine kuNhlaba ngaphandle kwefulethi ahlala kulo.

UThusi, odlala indawo ka-Isaac kulolu chungechunge kwiSABC 1, ulimale kabi ngesikhathi ehlaselwa yilezi zinja wase ephuthunyiswa esibhedlela iTambo Memorial Hospital.

Imithombo ithi usesimweni esibucayi kodwa uzinzile. “Usalwela impilo yakhe noma kunjalo uzinzile,” kusho omunye umthombo.

“UThusi akasakwazi ngisho ukuya etohweni njengoba lezi zinja beziqeda ngempilo yakhe. Sibonga umusa kaNkulunkulu ukuthi azimbulalanga ukwazile ukulwa wagcina ngokusinda,” kulandisa omunye umthombo.

Kubikwa ukuthi umnikazi walezi zinja uzama ukuphika ukuthi ungumnikazi wazo zombili, kanti enye kuthiwa yathathwa yiSPCA.

Kwi-voice note etholwe yiMDN News, uThusi uthe: “Ngisebuhlungwini obukhulu kodwa ngiyalulama usuku nosuku.”

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uColonel Noxolo Kweza, ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokugcinwa kwenja eyingozi.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button