Izindaba

Uzolala ekhaya u-Adams odedelwe inkantolo

Liyakhiza Mseleku 

Kufuze ukuthi uzohlelelwa indiza ebheke ekhaya uMnuz Fadiel Adams, ongumholi weNational Coloured Congress (NCC), ophinde abe yilunga lePhalamende.

U-Adams waboshwa amaphoyisa ophiko lwePKTT ngesonto eledlule eKapa.

Kwashaqisa abaningi ukuthi wafakwa ngemuva evenini wahamba amahora angaphezu kwangu-30 esuka eKapa ezogqunywa esitokisini eThekwini.

NgoLwesihlanu iPinetown Magistrates Court imkhiphe ngebheyili ka-R10 000 nemibandela eqinile.

Inkantolo ithole ukuthi akusiye umuntu ongabalekela icala, iphinde yabheka nokuthi unomndeni, nesikhundla ePhalamende futhi uzokwazi ukufika enkantolo uma sekuqulwa icala.

U-Adams uboshelwe izinsolo zokuphazamisa uphenyo lokubulawa komunye wabaholi be-ANC Youth League, Sindiso Magaqa.

Uboshwa nje u-Adams wahluleka ukuhlangabezana nonqamlajuqu  wokuzinikela emaphoyiseni ayebekelwe wona.

Ngokophenyo lwamaphoyisa athi ithimba lawo lithole ukuthi u-Adams wagxambukela. Lokho kuvela kwinkabi asigwetshiwe ngesikhathi uphenyo lwabo lusezingeni eliphezulu.

Amaphoyisa athi ayekade ephansi phezulu ezama ukumthungatha aze afika nalapho kuthiwa uhlala khona kodwa dololo engatholakali.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button