
Bahambe ‘wrongo’ ababili bebulawa amaphoyisa
Sihle Mkhize
Bahambe ‘wrongo’ abasolwa abebebamba inkunzi behlomile badutshulwa amaphoyisa kwafa ababili kwasinda oyedwa waboshwa.
Lesi sigameko senzeke eClare Estate, eThekwini ngoLwesine.
Ngokombiko we – eNCA laba basolwa babonwe amaphoyisa aseSydenham bebamba usomabhizinisi inkunzi emgaqweni uBurnwood Road.
Amaphoyisa abe esebiza abanye ozakwabo ukuzobalekelela.
Kube sekujwaha laba solwa ngesikhathi bebaleka ngemoto emhlophe yohlobo lweKia Picanto.
Ngesikhathi bebona ukuthi bavalelwa ekhonini yilapho bezidele amathambo bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni.
Nawo akazithelanga ngabandayo aphendula ngezulu lezandla ebhekise kubasolwa kwashona ababili kwaboshwa oyedwa.
Kube sekutholwa nezibhamu ezimbili ekukholakala ukuthi ezabasolwa.
Kungakapholi maseko iPurpose isanda kubika ngesigameko esifuze lesi ezinsukwini ezedlule.
Amaphoyisa athela phansi ngenhlamvu uMkhwanazi obefunelwa amacala okubalwa ukubamba inkunzi namanye abucayi.
Kuthiwa ubengumholi wezigelekeqe.
Kwesinye isigameko amaphoyisa adubula abulala abesilisa abahlanu.
Lesi sigameko senzeke KwaNompondo eduze nesiqiwu iHluhluwe Mfolozi Park.
Laba bebelandelwa ebusuku ngezobunhloli ezisezingeni eliphezulu. Kuthiwa labasolwa bazigumbele ithuna ngokudubula kuqala. Oyedwa kuthiwa uphulukundlele nenxeba.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



