
Okusha ‘ngocansi’ lwabalingisi uNirvana noBonko kushuthwa
Aphelele Cebekhulu
Inkampani ekhiqiza imidlalo yethelevishini iThe Bomb Production, igcine iphendulile ngezinsolo ezenziwe uNirvana Nokwe-Mseleku, ukuthi wahlukumezwa kuBonko Khoza ngokocansi kushuthwa.
Baveze ukuthi ngesikathi uNirvana ephakamisa ukungenami kwaba nophenyo lwangaphakathi kwaxoxwa nabathintekayo.
Lesi sigameko senzeke ngoSeptember 2023 kuRed Ink ekhonjiswa kwiShowmax.
Ngokwesitatimende uphenyo lwaphothulwa ngaphandle kobufakazi obuphathekayo.
Inkampani ithi lesiya siqephu sasiveza udlame, umbulali ongenanembeza hhayi ucansi.
“Bonke abalingisi baziswa ngalesi siqephu nokushuba kwaso futhi kwaqinisekiswa yonke into ngesikhathi besalungiselela ukushutha,”
Oqashelwe ezokuphepha naye wayekhona ngoba vele akukho okuhlanganisa ucansi okwakulindelekile.
“Bobabili abalingisi batshelwa ukuthi bayeke noma inini uma bezizwa bengajabulile,”
Inkampani ithi azibanga khona izikhalazo noma izinkomba zokunghamb kahle okwakulindelekile ngesikhathi kusalungiselelwa noma ngesikhathi sekushuthwa.
“Emva kokuthi uNirvana ezwakalise ukungenami sekudlule isikhathi kwamiwa ukuqoshwa kwahlelwa umhlangano ngakusasa.
UNirvana wacela incwadi yokuxolisa kuBonko kodwa wakuchitha lokho.
Inkampani ithi ukwesekwa ngokomoya kwaglunzekwa ngalesi sikhathi kunalokhu ngaboni ngaso linye.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



