Ezemidlalo

Kuphelile ngomshado womqeqeshi oyintandokazi kwezemidlalo eMzansi

Siwe Shozi 

UMQEQESHI weqembu lamaBhokobhoko uRassie Erasmus nowakwakhe uNicole bafake isehlukaniso emuva kweminyaka engu-20 beshadile.

Lo mqeqeshi ongumpetha futhi ohlonishwayo usesize amaBoks awina indebe yomhlaba kulandelana.

Indaba yabo nokuhlukanisa yakhulunywa  enkantalo ngomhla ka-29 Apreli yaphela kubika iphephabhuku lesiBhunu iHuisegenoot.

Ngisho abantu abasondelene nabo laba bobabili bebebona ukuthi ngathi kukhona okushaya amanzi ngoba bebengasahlali ndawonye.

“Asivumelekile ukuthi sikhulume ngezindaba zamakilayenti ethu”. kusho ummeli kaErasmus ebuzwa ngenye yezintatheli mayelana nalolu daba lwedivosi.

Umkhulumeli wamaBhokobhoko naye akafunanga ukuphawula ngalolu daba.

URassie eqenjini lamaBoks wadlala imidlalo engu-26 kusuka ngonyaka ka-1997 kuya kunyaka ka-2001, udlale nendebe yomhlaba ngonyaka ka-1997. Iqembu lakhe ayelidlalela iGolden Lions wadlala nakwiFree State Cheetahs.

Ngaphandle nje kokuba umqeqeshi wamaBhokobhoko useke waqeqesha amaqembu okubalwa iStomers, Munsters neWestern Province.

Njengamanje uRassie usekhempini eCape Town kanye neqembu ukulungiselela imidlalo yabo emibili abazoyidlala namaWallabies i-Austrialia, ngaphambi kokuba badlale neNew Zealand eKapa naseGoli.

Related Articles

Back to top button