Ezemidlalo

AmaSharks aqophe umlando kwelika Queen waseLondon ebuya necrown

Siwe Shozi

IQEMBU lombhoxo laseThekwini amaHollywoodbets Sharks libuye naso siphila isicoco se-EPCR Challenge Cup eLondon.

AmaSharks aye kulo mdlalo obudlalelwa eTottenham Hotspur Stadium, ngoLwesihlanu kusihlwa eqhugela njengoba kulimele abadlali abamqoka uLukhanyo Am noJadine Hendricks.

Baguqise iqembu laseNgilandi iGloucester Rugby ngo-36 ku-22 kowamanqamu.

Ngesiwombe sokuqala amaGloucester abebukeka ewuphethe umdlalo kodwa ke abuya amaSharks emuva kokuba uPhebsi Buthelezi benoSiya Masuku bevalele phakathi ama trys.

Nangesiwombe sesibili amaSharks awazithelanga ngabandayo uMakazole Mapimpi beno-Aphelele Fassie baphinde bavelela amanye ama trys lokho kubenze bahamba phambili.

Njengoba amaSharks eqalise umdlalo ngabadlali abane baphambili, lokho kubenze bazitamuzela emephenathini bathola amane futhi bawavalela phakathi wonke.

Iqembu lasekuhambeni lizamile ukwenza izinguquko, labakhipha bonke abadlali balo abadlala phambili kodwa ke lokho akubasizanga ngalutho.

Kuzwakale nomethuli webhola lombhoxo u-Austin Healey esethi “ungabozama ukulwa namabhubesi ngoba uma eke aqala athi ayalwa ave ezinikela”.

UMasuku yena ubeqinisekisa ukuthi bawuphethe lomdlalo bengabadlali baphambili kanti nokukhahlela kukaMapimpi kuze nemiphumela emihle.

AmaSharks kusayiqembu lokuqala lombhoxo eMzansi ukuthi libuye nendebe e-Europe.

“Nathi sifuna ukubalwa namaqembu amakhulu emhlabeni, ubusuku bayizolo bekubaluleke kakhulu thina, sidlale ngokuzinekela sazidela okokugcina”.

“Abadlali bethu bebesefomini emangalisayo nangokuzayo futhi sifisa sengathi singaqhubeka sisivikela lesi sicoco se-EPCR Challenge Cup “. kusho ukaputeni wamaSharks u-Eben Etzebeth

Related Articles

Back to top button