Umkhuzi wamaphoyisa eKZN namasu okunqanda udlame ngosuku lokuvota
Siwe Shozi
UMKHUZI wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uthi kuzotshalwa amaphoyisa angaphezulu kuka-17 000 ngesonto elizayo njengoba kusondele ukhetho.
UMkhwanazi usematheni kulezi zinsuku kulandela ukhonbisa isandla esiqinile kwiziphula mthetho.
Lesi sifundazwe sinezinkulungwane zabantu ababhalisele ukuvota belandelwa isifundazwe saseGauteng esinezikhungo zokuvota ezingaphezulu kuka-4 900.
Idolobha laseThekwini ingenye yezindawo ekubhekwe ukuthi kungenzeka kusuke uthuthuva kuyo ngoLwesithathu uma sekuvotwa. Yikho amaphoyisa akwaMetro ezobe etshaliwe kuzo zonke izindawo.
“Ezinye izindawo engizothumela kuzona amaphoyisa athe ukuba maningana, ikuMasipala waseMajuba, uThukela naseZululand “. Kusho umkhuzi wamaphoyisa.
Uphinde wathi esithangamini sabezindaba ebesihlelwe izolo, amaphoyisa avumelekile nawo ukuthi avotele amaqembu awathandayo.
“Amaphoyisa nawo anemvume yokuthi avote kodwa angifuni ukuzwa kuthiwa kunephoyisa ebelikhankasela inhlangano ethile. Zonke izinhlangano ngilindele ukuzwa kuthiwa beziphethwe ngendlela efanayo”. kusho uMkhwanazi.
Uphinde wathi sekusele izinsukwana ngaphambi kosuku lwamhlaka-29 Meyi, akalindele ukuzwa kuthiwa kunephoyisa elibonakale nenhlangano yepolitiki ethize.
Uqhube ngokuthi ulindele emaphoyisa ukuthi aye ezikhungweni aqaphe ukuthi alusuki yini udlame ngoba phela angamathemba omphakathi, nomphakathi uthembe wona ukuthi uzoqiniseka ukuphepha kwawo.
“Uma iphoyisa selifuna ukuzibandakanya nepolitiki lamukelekile ukuthi libuyise umfaniswano wamaphoyisa, angeke ube yiphoyisa futhi ube kwezepolitiki ngesikhathi esisodwa”. kusho uMkhwanazi ephetha.
Sekusele izinsuku ezinhlanu nje kuphela ngaphambi kokuba kufike usuku olukhulu loluya kovotela uhulumeni kazwelonke.