
Zibhedile izinto amaqembu aseKZN ehlulwa ukungena kwiTop 8
Siwe Shozi
ALIKHO nelilodwa iqembu lakwaZulu-Natal elikwazile ukuthi lizibekele indawo emidlalweni yeMTN8 njengoba isongiwe imidlalo yeDstv Priemeship izolo.
Iqembu iLamontville Golden Arrows beyitholene phezulu nomakhelwane AmaZulu FC bawaguqisa ngamagoli amathathu kwelilodwa.
Amagoli Abafana Bes’thende avalelwe enethini uRyan Moon, Siyanda Mthanti no-Olwethu Ncube. igoli lokubika ekhaya loSuthu lishaywe u-Augustine Kwem nakhona bekuyiphenathi.
Ukuwina kwabo lomdlalo bekungasho lutho ngoba baqede endaweni yesi-9, endaweni yesi-8 kwangena Polokwane City ebuya ehlathini.
Usuthu luqede endaweni yesi-11, abafana baMaMkhize iThwihli Thwahla yaguqiswa izinyoni zaseDube iMoroka Swallows ngamagoli amabili kwelilodwa. Amagoli eRoyal AM avalelwe enethini uSabelo Sithole noLevy Mashiane, eleSwallows lafakwa nguLindokuhle Mtshali.
Omunye umdlalo obowuthinta iqembu lakwa-Zulu Natal owe Richards Bays FC, yize iwunqobile lomdlalo ngamagoli amabili kwelilodwa kodwa iyodlala amaplay offs.
Amagoli eRich Boys avalelwe enethini uYanela Mbuthuma noNtsako Makhubela, eleStellies lavalelwa u-Iqraam Reynars.
AmaRich Boys azodlala imidlalo namaqembu amabili akuMotsepe League Foundation, uma beyiwina leyo midlalo bazokwazi ukugcina igama labo kuDstv Priemership.
Le midlalo bazoyidlala neqembu leBaroka FC eliqeqeshwa uDan Malesela kanye ne-University of Pretoria wona aqeqeshwa nguTlisane Motaung.
Le midlalo izoqala ngoJuni 2 kuze kushaye umhlaka-18, izikhathi nezinkundla ekuzodlalwa kuzo bekungakaqinisekiswa.
Amaqembu azodlala iMTN 8 aqhathwe kanje:
1.Mamelodi Sundowns vs Polokwane City
2.Orlando Pirates vs Supersport United
3.Stellenbosch FC vs TS Galaxy
4.Sekhukhune United vs Cape Town City