Ugaxele oweSundowns kwivideo namaSlay Queens ebumnandini
Bahle Mkhize
UGAXELE umdlali weMamelodi Sundowns uThembinkosi Lorch obonakala esendaweni yokuxijuxuza nama slay queens phakathi kwamabili kuphuzwa.
ULorch osanda kuwina indebe yeDstv Premiership ufake ivideo kwi-Instagram namaslay queens amabili kucaca ukuthi injabulo imeqile elingisa nomculo obuqhuma phezulu.
Kuhluke imibono kubalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana nesenzo sakhe.
“Ngithintekile ngevideo engiyibone kwi-Instagram wakhe ngoba ayikhombisi ukuziphatha komdlali okhokhelwayo. Ngiyafisa ukuthi acubungule izenzo zakhe acabangele nentsha ebukela kuyena,” kusho uXolani kwi-X.
“Lesi senzo sidweba sithombe sokuthi ukuphuza utshwala ngokweqile kwabadlali yinto eyamukelekile kubantu abasha,” kunanela uMbongeni Shabane kwi-X.
Kuzokhumbuleka ukuthi uLorch useke waba sematheni kuvela izindaba zokuthi abasambathi ngubo yinye nomama womntwana wakhe uNatasha Thahane ongumlingisi.
Omunye umlamdeli ubuze ukuthi uLorch washiya ubudlelwane bakhe noNatasha ngoba efuna ukuphila lempilo?
Abantu abayi nganxanye bengemanzi, lokho kufakazelwe wukuthi kukhona abamesekayo.
“IMan City yayiyodlala owamanqamu ngoMgqibelo kodwa uJack noRodri babonakala kumavideo bephuma endaweni yokuzijuxuza ezintatha kwakukhona namantombazane. Ngalolo suku uRodri wawuqala umdlalo, uJack wayesebhentshini. Manje sekwenzeka kumdlali waseNingizimu Africa sekuyakhulunywa. Asibe neqiniso,” kuphawula omunye umlandeli kaLorch kwi-X.
UChris Excel kwi-X uthe: “Uyazijabulela uLorch nezife#$& njengawo wonke umuntu. Ayikho into embi ngalokho, simi nawe,”.
Ngonyaka odlule ngoNovemba, uLorch watholwa enecala inkantolo alenza ngoSepthemba 2020 lapho ashaya owayeyintombi yakhe uFundiswa Mathithibala. Ngaleso sikhathi wayedlalela i-Orlando Pirates.
Le video esisuse umsindo edlala imizuzwana engu-46 uyicishile uLorch ngokuhamba kwesikhathi.
Umqeqeshi weSundowns uRulani Mokwena ephawula ngodaba lukaThembinkosi Lorch: ” Angithandi ukukhuluma kakhulu ngalendaba, engingakusho nje ukuthi ngiphoxeke kakhulu. Ngisho kanje ngoba bese ngikenngakhuluma naye ocingweni,” kuphawula uMokwena kwiMetro FM.