Izindaba

Usephenduke inhlekisa umculi kaMaskandi ngesimo sempilo yakhe

Aphe Gcwabe

USEPHENDUKE inhlekisa umculi kaMaskandi uKhangelani “DSD” Mhlongo ngesimo sempilo yakhe ebukeka ibuthaka.

UDSD unameke ivideo ezinkundleni zokuxhumana emaketha ingoma yakhe esihloko sithi Abangane ecula noSne Ntuli.

Kube sewukuzifaka kwakhe emphandwini wamabhubesi bamunaphaza ngokugula kwakhe.

“Incuba iyafa yuu🤣🤣🤣,” kubhala uDunga Mwelase kuFacebook.

UBuyile ukhumbuze uDSD ukuthi naye wake wahlekisa ngeNdidane.

“Kubi ukuhlekisa ngomuntu mayegula, lokhu okwenzekayo kubuya izinduku zakhe ayegadla ngazo kuNdidane. Mhlawumbe usefundile ukuthi ukugula awuziceleli kufika noma kubani. Sengathi angaphila asebenzele izingane zakhe,” kusho uBuyile Ndlovu.

USbongi Khawula ukhuze umhlola ebona abantu betalabha uDSD nakuba ebuthaka empilweni.

“Ave niphoxa kodwa mabhinca ugqoko seluze lwavala ama comment kule post nikhuluma konke ukuthanda kwenu.. Ukugula okwanoma ubani iyekeni bafowethu lento nayenza kwiBhova nayenza kuGcwensa. Ungamtalabha umculi kodwa hhayi ngesimo sempilo khulani bafwethu,” kukhuza uSbongi Khawula.

Umlamdeli kaKhuzani ukhumbuzise labo ababehlekisa ngeqhawe lakhe ngesikhathi kubikwa ukuthi libambekile.

“Ngesikhathi uKhuzani ebambekile kwathiwa uguliswa umona, yingenxa yeParis. Nahleka kwamnandi azange avala amacomment umzala uyakwazi ukubekezela wathula wanibuka nje,” kusho uMxolisi.

UDSD kwakumele akhiphe i-album unyaka usaqala kodwa kwavela emaphepheni ukuthi uxinwe izinso. Nokho kuthiwa useyalulama uma uqhathanisa nasimo avele ekuso kwivideo.

Related Articles

Back to top button