Ezemidlalo

Umdlalo omqoka kunayo yonke kumqeqeshi waseMzansi kuSaudi Pro League

KWANDE kaZIKIZA

KUZOCACA namuhla ebusuku ukuthi umqeqeshi uPitso Mosimane uyalisindisa yini ezembeni iqembu lakhe i-Abha Club edlala kuSaudi Pro League 2023/24.

Selokhu angena emkhakheni wokuqeqesha, uMosimane uyaqala ukuzithola ebhekene nengwadla yokuvika izembe neqembu njengoba evamise ukusiza amaqembu ukunqoba izicoco.

Emdlalweni wakamuva i-Abha yehlule i-Al Khaleej ngo 2-1, okwenze kwagcwala ukuzethemba ekhempini njengoba namhlanje izodlala i-Al Hazm ebambe ibhuleki kwi-log. Lo mdlalo owokugcina njengoba kusongwa isizini. Umdlalo ubekelwe e-Al-Hazm Club Stadium kanti ngenxa yerekhodi elingelihle uma idlala ekuhambeni, i-Abha kuzomele ibhukule kakhulu. Iqembu likaMosimane lihlezi endaweni yesi-15 namaphuzu ayi 32. Akumele licazelane ngamaphuzu kepha liwadinga womathathu amaphuzu njengoba amaqembu angapgansi kwe-Abha iRiyadh, Al Tai ne-Al Akhdoud edinga ukuyinqoba le midlalo yawo yokugcina.

UMosimane ujoyine leli qembu maphakathi nesizini, wasayina inkontileka yezinyanga ezine kanti umthwalo anikwe wona wukuhlenga leli qembu lingashoveleki ehlathini. ESaudi Arabia usezakhele ugazi njengoba wafika wakhuphula i-Al Ahli kodwa wayilaxaza ngenxa yokungabanga izimali.

ENingizimu Afrika uyahlonishwa ngokunqobela iMamelodi Sundowns inqwaba yezicoco ekubalwa kuzo nese-CAF Champions League. Ulandwe izinkunzi zase-Africa i-Al Ahly wafika wayinqobela iChampions League nezinye futhi izicoco.

 

Related Articles

Back to top button