Ezokungcebeleka

ITheku kweye-International Day of Yoga 2026

Sindiswa Nxumalo

ITheku seliphinde laqinisekiswa njengendawo esemthethweni kazwelonke eNingizimu Afrika yokugubha i-International Day of Yoga (IDY) emenyezelwe yinhlangano yezizwe ezimbumba (UN).

Umcimbi walo nyaka uzoba mhla ka-21 kuJune 2026 eDurban Amphitheatre.

Kulindeleke abantu abangaphezu kuka-5 000 ukuba bahambele lo mcimbi ohlelwa nguPrince Ishwar Ramlutchman Mabheka Zulu, ongumsunguli weSivananda World Peace Foundation.

Le nhlangano isineminyaka engu-12 ihola ukugujwa kwe-IDY eNingizimu Afrika, ikhuthaza i-yoga njengendlela yokuletha impilo enhle, ubumbano nokubambisana emphakathini.

Lo mcimbi usekelwe uhulumeni waKwaZulu-Natal oholwa nguNdunankulu uThamsanqa Ntuli kanye neNdlunkulu yakwaZulu.

Kusukela i-UN yamemezela i-International Day of Yoga ngo-2014, iTheku seliphenduke isikhungo esihamba phambili e-Afrika kwezeyoga.

Liheha izinkulungwane zabantu minyaka yonke futhi iqinisa ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika neNdiya.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169 

Related Articles

Back to top button