Kubanjwe umoya ngempilo kaDJ osejika nelanga
Mleven Zikiza
KUBANJWE umoya ngempilo kaThuli P osememezele ukuthi uzothatha ikhefu ekuklwebheni amapuleti njengoba esalwa nokululama ekuguleni.
Ithimba elisebenza naye lithumele isitatimende njengoba besekuqalile ukuqagela kubantu ukuthi ingabe ngempela kwenzakalani ngaye.
Kulezi zinsuku akabonwa nangokhalo ezindaweni zobumnamdi ikakhulukazi njengoba osaziwayo benza enhle imali kulesi sikhathi samaholidi kaKhisimuzi.
Ithimba asebenzisana nalo likhiphe isitatimende esibhalwe kanje:
“Siyaxolisa ukunazisa ukuthi uThuli P angeke aphumelele emcimbini kusukela ngomhla ka-26 kuya kumhlaka-31 kuDisemba. Isinqumo sithathwe ngemuva kokutholakala ukuthi uyagula kanti angeke abe umqemane ukuthi enganandisa. Sithanda ukuxolisa kakhulu kulabo abebesewathengile amathikithi emcimbisho abezoya konandisa kuyo. Siyazi ukuthi lesi sinqumo esithathiwe sizonishiya niphoxekile kodwa akukho ebesingakwenza ngoba kungaphezu kwamandla ethu. Njengethimba elisebenzisana noThuli P simatasa senza konke okusemandleni ukulingisa izinto nalaba abesebemqashile. Sithanda nokubonga ukwesekwa abalandeli bakhe nalaba abahlale bemqasha”.
Ngaphambi kokungena emkhakheni wokuba uDJ le ntokazi izakhele igama njengomlingisi kuGenerations endala idlala indawo kaNamhla Diale.
UThuli P uke waba sematheni ngezindaba zokuhlukunyezwa ngokubekwa isandla yisoka lakhe uDJ Maphorisa.
Kwajabha abaningi ngesikhathi isimemezela ukuthi iyalihoxisa icala yize yayisabalalise izithombe zayo ibonakala ukuthi iphelile induku.