Udutshulwe wabulawela indawo yokupaka
Mleven Zikiza
INGXABANO kubangwa indawo yokupaka edolobheni laseVerulam ngaphandle kancane kwaseThekwini igcine iphume nesidumbu.
Emuva kokuhilizisana kwabashayeli bezimoto kudutshulwe kwabulawa owesilisa oneminyaka engu-25 ubudala ngoMgqibelo ntambama.
Ngokubika kwabethimba lonogada beReaction Unit South Africa (RUSA) babizwe isidumo baphuthuma ekhoneni lomgwaqo uGeorge Sewpersad/Moss & Ireland Street ngesikhathi zabo-2 ntambama.
Kulapho ke bezithele khona kowesilisa obedubuleke kabili esifubeni nehlandla eliodwa ehlombe.
Abe-RUSA bathe ayikho enye into abebengayenza ukumhlenga ngoba ubesethule.
Obehambe nomufi uthe bafike bapaka itruck yohlobo lwe Hino 300 kudriveway ebhizi njengoba kuyindawo yamabhizinisi.
Uthe bebediliva u-ice cream kwesinye isitolo sendawo ngesikhathi kuqhamuka umshayeli weveni le-Isuzu emhlophe nalapho behilizisane khona ngendaba yokuthi imoto yabo ivimbe emgaqweni.
Kuthiwa kusuke esinamathambo kubangwa le ndaba yomgwaqo.
Ngokuqhuba kukazakwabo obulewe umshayeli we-Isuzu ubhozomele umufi wamphuca isibhamu wamdubula kabili.
Kuthe noma esephendukile esebaleka kuthiwa umlandelile wamdubula amanye amahlandla amathathu.
Umsolwa usuke lapho washaya wachitha kodwa isigameko sibonwe inqwaba yabantu kwazise kwenzeke endaweni yebhizi njengoba abantu bevakashela ezitolo.
Obehamba nomsolwa kuthiwa ubuyile endaweni yesigameko waziletha kwabe Reaction Officers wabuyisa nesibhamu ebesithathwe uzakwabo.
Uthathwe amaphoyisa eVerulam SAPS njengoba eyophenywa.