Izindaba

Kungase kuchitheke iphalishi koweSABC olwa ebhanoyini

Phila Luthuli

LINGASE lichitheke iphalishi lika Nksz Nobuntu Mkhize obonakala exakazisana nabasebenzi basebhanoyini iSAFlyair kwi-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana.

NgoMgqibelo emini inhlangano yezokusakaza iSouth African Broadcasting Corporation (SABC) igxeke ukuziphatha komsebenzi kwaNobuntu obonakala exakazisana nabasebenzi omoyeni ebhanoyini.

Ngomlomo kaMmoni Seapolelo okhulumela inhlangano uthe iSABC iyibone ngokukhathazeka le video.

UNobuntu uqashwe njengeBrand Manager yeSABC kusuka ngo-Agasti nonyaka.

“I-SABC iphatheke kabi ngalesi sigameko futhi ihlale igqugquzela abasebenzi bayo ukuthi balandele imigomo yeSABC yenhlonipho nkuziphatha kahle. Kule video, umsebenzi uphatha igama leSABC athi isigameko sizosakwa ezindabeni zeSABC. Sithanda ukugcizelela ukuthi iSABC News ilawulwa yimigomo, izimele futhi izinqumo ezithinta zonke izindaba zithathwa lapho kusebenzela khona izintatheli akugxambukeli ongasebenzi khona,” kusho uMmoni.

Uthe inhlangano izosebenzisa imigudu yangaphakathi ukuxhumana nomsebenzi.

Kule video uNobuntu ubonakala ngathi ugadla ngokuthile kumsebenzi wasebhanoyini. Ubuye avele ephusha omunye ethuka nenhlamba kuze kuba kungenelela okukholakala ukuthi yisoka lakhe.

Related Articles

Back to top button