Izindaba

UButhelezi ubehlezi ngesinqe esisodwa

Liya Mseleku

UMFUNDISI Thulasizwe Buthelezi osanda kuxoshwa yiSilo esikhundleni sokuba uNdunankulu kwaZulu uthi iMbube ayikamazisi ngokumsusa kulesi sikhundla.

UButhelezi uthe uthole umyalezo uthunyelwe ngo-WhatsApp uvela kuMntwana wakwaMinyamazi uSimphiwe Zulu uthi akadede esihlalweni.

UButhelezi, uthe udidekile uma ebona le ncwadi emxoshayo ezinkundleni zokuxhumana ekubeni iSilo singakaze sithi vu kuyena ngalokhu.

Nokho uthembise ukulinda iSilo kuze kube yiso esiqinisekisa ubuqiniso bencwadi emxoshayo.

“Ngizolinda iMbube kube yiyo eshoyo ukuthi isingisusile esikhundleni. Isikhundla sobuNdunankulu kaZulu eseSilo, ngakho singafaka siphinde sikhiphe noma ngubani noma yinini,” kusho uButhelezi ekhuluma esithangamini sabezindaba oLundi ngoMgqibelo emini.

Uthe selokhu amenyezelwa yiSilo njengozothatha esikaNdunankulu kaZulu, emkhosini waseSandlwana ngoJanuwari nonyaka, akakaze aphambane noma kubekhona ukungaboni ngaso linye neMbube.

“ISilo sesike sakuveza kumina ukuthi selokhu ngathatha izintambo kwesikaNdunankulu kaZulu, inkulu ingcindezi esibhekene nayo yokuthi ngisuke kulesi sikhundla. Abafuna ngisuke abanye babo abaholi bezepolitiki abanamava KwaZulu-Natal,” kusho uButhelezi.

UButhelezi ubuye washaya amakhala ngabammeli abaqokwe ukuthi babhekele izindaba zeNgonyama Trust.

“ISilo asikaze sisho lutho kumina mayelana nokuqashwa kwalaba bammeli baseMpumalanga. Kukhona abantu abahlale beconsela amathe umhlaba weNgonyama,” kusho uButhelezi.

Ubonge iMbube ngokuyinika lo msebenzi wesizwe wathi uzoqhubeka akhonze ngaphansi kweSilo noma kuthiwa uxoshiwe.

Related Articles

Back to top button