Isilonda kowaxoshwa uKhozi FM ngaphandle kwezizathu
Liyah Mkhize
OWAYENGUMSAKAZI oKhozini FM uKim Da Diva Ngcobo ubalisa ngokuxoshwa yilo msakazo ngaphandle kwezizathu.
Ulandise iPodcast ukuthi wachitha ihora lonke ehlezi noBonga Mpanza owayengumphathi ukuzama ukuthola isizathu sokuchithwa kwakhe.
Uthi wagcina engatshelwanga isizathu kanti wayefisa ukungawaphindi amaphutha uma kukhona lapho wayeshibilike khona.
“Ukusebenzela umsakazo yinto engayithanda ngisafunda isikole. Ngesikhathi ngisasebenzela inkampani yomaselula, ngahlangana nomuntu owangicushisa ukuthi kumele ngikhulume nobani kwi-P4,” echaza.
“Ngibe sengijoyina iP4, uhlelo lwami lokuqala lwaluphakathi kobusuku ngo 3 ntathakusa. Ngangihlezi ngifaka isicelo kuKhozi FM ngicela neminingwane kwizisebenzi zakhona. Ngibe sengidlulela kwiGagasi FM kwaze kwaba u-2006. IDurban Youth Radion yangininika uhlelo lwango 9:00 ekuseni”
“Ngangisebenza noSthandwa Nzuza ngaleso skhathi nakuba singazange sihlangane ubuso nobuso. Ngathola ucingo oluvela kuKhozi FM luthi luyangithatha angize ngizosayinda inkontileka – ngisebenze kusuke ngo 2008 kwaze kwabe u2014,” kuqhuba uDiva.
“Ngibe sengitshelwa ukuthi inkontileka yami ngeke ivuselelwe, angizange nginikwe sizathu sokuthi kungani. Ngafikelwa wumuzwa wokuthi kumele ngikhulume nomphathi steshi ngaleso sikhathi uBonga Mpanza ukuze ngichazeleke,”
Uthi wacela ukunikwa isizathu ukuze uma kukhona lapho engahambanga kahle khona ezolungisa, angaphindi iphutha elifanayo.
“Sachitha cishe imizuzu engu-45 kusobala ukuthi akanazizathu. Ngiyalubonga uthando engalutho kubalaleli boKhozi FM, Amadelabuthongo, abantu abafana noNhlekelele. Angisoze ngibalibale beshayela besuka eGauteng beya eThekwini ukuzongibona nje,” kuqhuba uDiva.
“Kwadingeka ngithinte umphathi wezokuphepha ngicele imvume yokubavumela bangene ngaphakathi estudio. Inhloko yezokuphepha yathi kimi kumele ngiqinisekise ukuthi kababulali lutho.”
“Okushaqisayo akekho noyedwa owake washo okuthile kimina ngalokho,” enaba uKim Da Diva ethi ngisho nakwiGagasi inkontileka yakhe ayizange ivuselelwe.