Udilikajele ephoyiseni elidlwengule indodakazi (9)
Liya Mseleku
LIGWETSHWE udilikajele iphoyisa elisebenza ku-Specialised Unit elidlwengule indodakazi yalo.
Leli phoyisa laseNorthern Cape likhalelwe amasongo kaSigonyela emuva kokuthi umgilwa ebikele ugogo wakhe ngesehlo.
Umthetho uthi leli phoyisa angeke okwamanje lidalulwe igama lalo ngoba kuzovela obala lomgilwa oneminyaka engu-9.
Ubufakazi obethulwe enkantolo iGaleshewe Regional Court, budalule ukuthi ngo Julayi 4 umsolwa, isisulu nonina ongamzali “i” babelele ndawonye embhedeni.
“Ngesikhathi bonke belele, umgilwa uzwe umuntu emkhumula isikhindi sangaphansi kwathi uma esikhuphula, waqhubeka wasesihla ngenkani. Kuthe uma esefuna ukubhekisisa ukuthi ngempela ubani lo muntu, wabona ukuthi nguyise. Ngenxa yamandla anawo umsolwa wagcina ekwazile ukugcina esikhumulile isisulu wasidlwengula. Umgilwa uzamile ukutshela unina ongamzali kodwa umsolwa wamgxavuna emvimba ukuthi engafinyeleli kuye,”
Ebufakazini abethule eNkantolo umgilwa uthe wayesaba ukumemeza ngesikhathi edlwengulwa. Uqhube wathi ngakusasa kulapho kwabhoboka khona ithumba umgilwa elandisa ugogo wakhe ngesenzo esimehlele.
Kulapho-ke ethathwe khona waphuthunyiswa eGaleshewe Thuthuzela Care Centre naseForensic Nurse nokuyilapho ekutholakale khona ngempela ukuthi umgilwa unukubeziwe.
Akugcinwanga lapho njengoba kulandwe nodokotela ofike wahlola umgilwa naye wavumelana nemiphumela yasekuqaleni.
Ngemuva kwalokho leli phoyisa libe seliboshwa lase lithwesa icala lokudlwengula.
UShareen Links, oyiProsecuting State Advocate, utshele iNkantolo ukuthi umsolwa uyilimazile indodakazi yakhe waphenduka isilwane esikhundleni sokuthi ayivikele.
INkantolo iphakamise ukuthi akumfanele ukuphatha isibhamu yaphinde yaphakamisa ukuthi igama lakhe lifakwe kwiNational Register of Sexual Offenders kwaphinde kwathiwa akumfanele neze ukusebenza nezingane