Ezemidlalo

UHugo Broos nezizathu zokuvalela ngaphandle uTau

UMQEQESHI weBafana Bafana uHugo Broos useveze isizathu sokushiya ngaphandle uPercy Tau nokuthi kungani ebize umdlali omusha weKaizer Chiefs uRushwin Dortley.

Ngenyanga ezayo kuqala imidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations.

Lo mqeqeshi waseBelgium umemezele iqembu labadlali abangu-23 abazobhekana ne-Uganda neSouth Sudan emdlalweni yokuhlungela i-CAF ka-2025.

Echaza ngesinqumo sokugabha uTau, odlala kwi-Al Ahly e-Egypt uBroos uthe: “Kube lula ukuthi ngingambizi. Esinye sezizathu wukuthi muva nje ugxekwa kakhulu uma edlala kwiBafana ngaleyo ndlela ngibone kungcono ukuthi ngimvikele. Abantu babonile ukuthi ngesikhathi sidlala ne-Algeria akabanga nomdlalo omuhle abantu base bemgxeka. Ngimfonelile ngamchazela ngalesi sinqumo futhi naye akakhombisanga ukuba nengxaki. Okunye futhi okwenze ngingambizi ukuthi ikusasa lakhe kwi-Al Ahly alaziwa njengoba kuthiwa ukweletwa imali thizeni futhi kuthiwa akasathandi ukudlala khona. Uma ubheka kahle kusukela ngo Agasti usadlale imizuzu engu-17 kuphela. Ngaleyo ndlela leso simo asamukelekile neze ngoba sifuna abadlali abakulungele ngokomqondo ukudlala,”

Mayelana noDortley, oneminyaka engu-22 nosayinwe iCape Town Spurs, uBroos uthe umbona enekusasa eliqhakazile wathi kumele ajwayele ukuba seqenjini elikhulu.

Ukusho lokho njengoba ethi ukhombisa ukukhula selokhu enikwe ibhande lobukapteni iqembu lesizwe elidlale kwiCOSAFA Cup.

Abantu baseNingizimu Afrika bakholwa ukuthi elakuleli lizoqhubeka nokudlala ingcwenga njengoba ligcine liqede endaweni yesithathu kwi-Afcon ebise-Ivory Coast ekuqaleni konyaka.

Kugroup K iBafana Bafana efakwe kuyo, izodlala naneCongo kodwa izoqala ibhekane ne-Uganda ngoLwesihlanu luka mhlaka 6 e-Orlando Stadium ngo-6 ntambama.

Izosuka lapho iqonde eSouth Sudan ngoLwesibili lomhla ka-10 Septemba eJuba Stadium.

Onozinti: Ricardo Goss [SuperSport United], Veli Mothwa [AmaZulu FC], Sipho Chaine [Orlando Pirates]

Izitobha: Sydney Mobbie [SuperSport United], Rushwin Dortley [Kaizer Chiefs], Nkosinathi Sibisi [Pirates], Aubrey Modiba [Sundowns], Khuliso Mudau [Sundowns], Fawaaz Basadien [Stellenbosch FC], Siyabonga Ngezana [Fotbal Club FCSB], Grant Kekana, Thapelo Morena [Sundowns]

Abaseswini: Teboho Mokoena [Sundowns], Jayden Adams [Stellenbosch FC], Sphephelo Sithole [Gil Vicente], Thalente Mbatha [Pirates]

Abagadli: Themba Zwane [Sundowns], Relebohile Mofokeng [Pirates], Oswin Appollis [Polokwane City], Patrick Maswanganyi [Pirates]. Iqraam Rayners [Sundowns], Elias Mokwana [Esperence], noLyle Foster [Burnley].

 

Related Articles

Back to top button