Ezokungcebeleka

Isinde beyijuqa ingane kaChris Brown eMdletsheni

Phila Luthuli

UNGENE emphandwini wamabhubesi umculi osemncane odunyiswe ukucula noChris Brown.

UNaledi Aphiwe osanda kuba sematheni ehlangana noChris kwindumezulu yomcimbi osanda kuba seFNB stadium ukhishwe esteji sekukubi eMdletsheni.

Amavideo asabalele kuzo zonke izinkundla zokuxhumana aveza imvula yamabhodlela abejikijelwa kuye esesteji kwasiza owesilisa omane wamgxavula ngengalo ezama ukusindisa impilo yakhe.

Okuqhathe u-Aphiwe nezihlwele wukuthi ufakwe ngenkani estage izihlwelwe zisajabulela uGatsheni edlala.

Ngaleso sikhathi abantu bememeza igama lika Gatsheni bemfuna esteji.

Kuzwakale iphimbo lowesilisa esteji obezama ukubhula umlilo obusha ubuhanguhangu kwizinkumbi zabathandi bomculo.

“Kahleni, yimani hho. Musani ukumosha, sekuzwakele basalungisausani ukujikijela. Iphutha ebelikhona liyalungiswa. Siyacela ningasoneli,”

Khonamanjalo eMdletsheni kubikwe ukuthi kudutshulwe kwalinyazwa edolweni owesilisa waseMtubatuna KZN. Nokho kuthiwa udutshulwe engaphandle kwesango lomcimbi.

Kuthiwa Inhlamvu ingene edolweni ngaphambili yaphumela ngemuva.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi kunezidubedube kuxabene ubendle esteji nokho amaphoyisa kubikwa ukuthi aseqalise uphenyo.

Related Articles

Back to top button