Ezemidlalo

IPirates ibukise ngeStade d’Abidjan koweCaf

I-Orlando Pirates iqhwakele kuGroup C kulandela ukushaya iStade d’Abidjan ngoMgqibelo ebusuku ngo 3-0 emdlalweni weCaf Champions League.

Lo mdlalo ubudlalelwa e-Orlando Stadium, eNingizimu Africa .

URelebohile Mofokeng uvule inkundla ngegoli ngomzuzu ka-22.

Uqedele kalula ibhola ebelakhiwe wumnyakazo oqhamuke noMohau Nkota ngakwesikudla ngomzuzu ka-22.

IPirates yakhe amanye amathuba amaningi kodwa yahluleka ukuwasebenzisa ukuthi ithole amanye amagoli.

Ngesiwombe sesibili uPatrick Maswanganyi ube esengeza igoli lesibili, ekhombisa ubuchule bakhe.

Uphenduke nezitobha zimbhekile ebhokisini, qede wadedela ishodi ngonyawo lwesokudla.

Uzwe ngenjabulo yabalandeli unozinti uDrissa Bamba ukuthi selisenethini.

UDeon Hotto ube eseshaya elokuqinisekisa lokhu kunqoba ngegoli alivalele umdlalo usuyophela.

Uqgashule esiswini, wagijima nesitobha waze wayongena naso ebhokisini qede washaya ishodi, ngonyawo lwesinxele kwaduma amavuvuzela.

Le wini iphushele iPirates esicongweni kuGroup C, ngamaphuzu ayisishiyagalombili, kanti ishiya i-Al Ahly ngephuzu elilodwa.

Ukunqoba uma seyibhekene ne-CR Belouizdad emdlalweni wayo olandelayo kuzoyibekisela indawo esigabeni somkhumulajezi.
Lisenethini

Related Articles

Back to top button