UButhelezi ugixabeze amakhosi kaZulu ngoR34.1 million
UNGQONGQOSHE wezokuBusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMfundisi Thulasizwe Buthelezi usezakhele ugazi emakhosini akwaZulu.
Kuzokhumbuleka ukuthi uButhelezi ubenguNdunankulu kaZulu kanti kusanda kuphuma incwadi kwiSilo emehlisa esihlalweni ungakapheli nonyaka.
Kulokhu uButhelezi uzobusisa amakhosi ezizwe ngezigidi zamarandi ukuze akwazi ukubhekana nezidingo zezinkantolo zawo nomsebenzi wansuku zonke.
Lokhu kuvele emhlanganweni kaButhelezi namakhosi abehlangene nawo esiShayamthetho esidala sasoNdini ngoLwesihlanu.
Kulo mhlangano uButhelezi ubekhuluma ngokwesikhundla sakhe sokuba uNgqongqoshe.
Ngokubika kweScrolla.Africa uthe lemali ezonikezwa amakhosi ezizwe ingu-R34.1 million.
Uqhube wathi le mali ibiqoqwa kuzo izizwe zamakhosi kodwa yagcinwa ebhange uMnyango yaba nenzalo ebalelwa ku-R8 million.
Ngesikhathi iyofakwa ebhange uthe ibingu-R25.4 million yayogcinwa ebhange uMnyango.
UButhelezi uthe le mali izosiza amakhosi ukuba akwazi ukulungisa izinto ezilimele noma kuthengwe izinsiza kusebenza ezidingeka ezinkantolo zamakhosi.
Uphinde wachazela amakhosi ngezinye izinhlelo zokuba amakhosi akwazi ukuzithuthukisa ngokomnotho nezizwe zawo.
Kulo mhlangano amakhosi abephume ngobuningi kanti bekukhona noMntwana Simphiwe Zulu wakwaMinyamanzi obemele Isilo uMisuzulu kaZwelithini.
UMntwana Simphiwe nguye owathumela umyalezo ka-Whatsapp wokuxosha uButhelezi ekubeni uNdunankulu kaZulu.