Umphathi ecaleni lokuthumba nokubulala owesifazane
UZOVELA ngoMsombuluko enkantolo owesilisa oneminyaka engu-37 waseMaotana, eNanda ngaphandle kweTheku, oboshwe namhlanje.
Ukuboshwa kwale ndoda kuza ngemuva kwezinsolo zokuthumba uNkz Ayabonga Mjilo (24), abemphethe emsebenzini wambulala.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa uColonel Robert Netshiunda, uthe lo mlisa kuvele ukuthi nguye owabonakala ehamba nomufi obekubikwe ukuthi unyamalele ngomhla ka-25 ngenyangeni edlule.
Lona wesifazane bekunembiko yokuthi wagcina ukubonakala endaweni yokudlela eMhlanga, nokuthe uma sekubhekwa amakhamera wabonakala ehamba nowesilisa obewumphathi wakhe emsebenzini.
Amaphoyisa athi alandele umkhondo womsolwa, nobaholele ekuboshweni kwakhe namhlanje ekuseni.
Lokhu kuza ngemuva kokutholakala ukuthi waba nengxabano nalona wesifazane sebesendlini yakhe wabe esemuklinya wambulala wamgqiba egcekeni.
Lona wesilisa kulindeleke ukuthi avele enkantolo ngoMsombuluko.
Kuzokhumbuleka ukuthi ukulahleka kwakhe kwathusa abaningi ngisho nomndeni wakhe owawukhala ngokuthi yinto angakaze ayenze futhi bekungatholakali mkhondo.
Kwale noma udaba selukhishwa emaphephandabeni ahluke kodwa wangatholakala umkhondo.
Kwenzeka lesi sigameko nje kusabatshazwa indaba kaNontobeko obulawe ngokunqunywa uqhoqhoqho eMzinto, ogwini oluseNingizimu nesifundazwe sakwaZulu-Natal mphakathi noDisemba.
Umufi akazange kuphela aziqophe ezivumela ukuthi uyena obulale intombi yakhe kodwa waphinde wafaka nesithombe sesidumbu sentombi yakhe.
Umsolwa watholwa amaphoyisa esihlahleni ezilengisile maduzane nendawo yesigameko.