
IMeya emacaleni okuxosha abokufika
Isikhuni sibuya ngomkhwezeli njengoba osomabhizinisi bokufika behlangene nenhlangano ezwelana nabokufika bahambela phambili bamangalela iMeya kaMasipala waseNkosi Langalibalele, uMnuz Mduduzi Myeza.
Bambeke amacala ezinsolo zokucwasa kanye nokuvala izitolo zabokufika edolobheni eMtshezi.
Kuyaziwa ukuthi uMyeza usemkhankasweni wokuxoshwa abokuhamba abangenamaphepha.
Amacala amabili okumangalelwe kuwo uMyeza alalelwe eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, ngoLwesithathu.
“Ngizoba bukhoma emizuzwini eyishumi mayelana nodaba lwabokufika, nikhumbule izinsuku ezingamashumi amabili nanye uyaphela kusasa, (ULwesithathu) ngithi angiveze ke ukuthi sebengifake eNkantolo ngoba bebona izinsuku seziphelile, ” ubhale kanje ngoLwesibili ebusuku.
Ummeli kaMyeza, uMnuz Xolani Zuma, uchaza ngamacala asenkantolo the :”
“Amacala abekwe umhlonishwa uMeya inhlangano elwelwa abantu bokufika mabili bacele ukuthi asuse konke lokhu akubhale ezinkundleni zokuxhumana ikakhulukazi kuFacebook lokhu okubukeka kunenzondo kungakapheli amahora angu-48,”
“Sithe uma kukhona ukuphawula kwabantu okuhambisana nenzondo kulungile kuzosuswa. Okwesibili ukuya phambili ucelwe ukuthi angaphinde azisho izinto ezibonakala zinokucwasa,”
Khonamanjalo, uNgqongqoshe wezoBulungiswa uMmamoloko Kubayi obevutha engabaselwe uxwayise abaholi beMarch and March ukuthi “bayeke ukwenza umsebenzi wamaphoyisa…” UKubayi uphinde wathi uma kwenzeka into embi ngesikhathi kuqhubeka imibhikisho, bayolitheza olunenkume.
Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169



