Usesitokisini oqhumise iphoyisa ngolabhabha lisemsebenzini
KULINDELEKE ukuthi avele enkantolo ngoMsombuluko owesilisa osolwa ngokuqhumisa ngolabhabha wempama iphoyisa lesifazane lisemsebenzini.
Lesi sigameko senzeke e-Eastern Cape ngesikhathi amaphoyisa eqhuba umsebenzi wokuhlola izimoto ngoLwesihlanu.
Kuthiwa kuthuke nabanye abashayeli emgaqweni uMaletswai obuwaziwa nge-Aliwal North ngesikhathi lo mshayeli egila lo mhlola.
UMnuz Unathi Binqose okhulumela uMnyango wezokuThutha e-Eastern Cape uthe iphoyisa limise imoto yohlobo lwe SUV ebisuka eFree State.
“Ngemuva kokuthi iphoyisa seliwenzile umsebenzi wokuhlola libe selitshela umshayeli ukuthi linenkinga ngelayisense yakhe okuchaza ukuthi izothathwa ngoba ayikho emgangathweni we SABS (South African Bureau of Standard),” kusho uBinqose.
Le ndoda (46) kuthiwe ivele yabhoka ngolaka ithi ngeke kwenzeke lokho, yagadla ngempama ebusweni bephoyisa.
Kusuke isidumo kwangenelela ozakwabo bephoyisa ababhozomele lo owesilisa base bamfaka amasongo kasigonyela.
Iphephandaba lase-Eastern Cape iDispatch lithole ukuthi lo owesilisa usebenza kuMnyango wezokuTthutha.
UNgqongqoshe wezokuThutha e-Eastern Cape uXolile Nqatha usigxekile lesi sigameko wasichaza njengesingajwayelekile.
“Sikuqonda kahle ukuthi umuntu umsulwa ngaphambi kokutholakala enecala kodwa kulokhu sizoseka iphoyisa lethu ngayo yonke indlela. Lesi senzo sikhombisa ngokusobala ukuthi abantu bayawudelela umthetho wasemgaqweni. Angeke siyivumele leyo nto ikakhulukazi njengoba amaphoyisa esifazane iwona avamise ukuhlukumezeka.”