Izindaba

Utholwe esigangeni udado (5) egwazwe wadlwengulwa

Bahle Mkhize

UFUNA kwenzeke ubulungiswa umndeni wentombazanyana uNombenhle Mzima (5) okutholakale isidumbu sakhe silahlwe endaweni yemfucuza.

Isidumbu salo dado sitholakale sigoqwe ngoplastic sinamanxeba, nasemqaleni bekunenkebenkebe yenxeba kanti kunezinsolo eziqinile zokuthi uqale wadlwengulwa lo mntwana.

Ngokwemibiko uNtombenhle walahleka ngaphambi kosuku olwandulela ukuhlukana konyaka eDuduza kanti utholwe ngumuntu obeyolahla udoti ngoLwesithathu.

Unina womntwana uPalesa Nzima (24) uthi kube nzima ukungena ku-2025 ngaphandle kwengane yakhe.

“Kusihlwa ngigeze umntwana njengenjwayelo wase ephumela phandle ukuyodlala nabanye abantwana. Angisolanga lutho, ngiqale ukuqaphela ngoba bese kuhlwa yena engabonwa nangokhalo. Ngihlabe umkhosi kodwa akekho othe umbonile. Simbheke saze sakhathala, kube buhlungu ukungena onyakeni omusha ngaphandle komntwana wami,” kubalisa uPalesa.

Lowo ovundulule lomntwana kwimfucuza nocele kugodlwe igama lakhe uthe uthuke kwaphela nasozwaneni uma ethola isidumbu sentombazanyane ebulawe isencane.

Uninalume kamufi uMasechaba Mzima uthi balimele emphefumulweni futhi bathukile kunzima nokwamulela.

“Esikufunayo nje wukuthi abanjwe aboshwe umenzi wobubi. Sifuna izimpendulo kanti munye kuphela umuntu ozosinika lokho umbulali,” kusho uMasechaba.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uColonel Dimakatso Nevhuhulwi usiqinisekisile lesi sigameko washo ukuthi kumanje bayaphenya.

“Akwaziwa okwamanje ukuthi yini eholele kulobu bulwane, okwamanje akukaboshwa muntu. Sicela noma ngobani ongaba nosizo olungaholela ekuboshweni kwamsolwa eze ngaphambili, noma ashayele inombolo ethi :08600 10111,” usho kanje.

Related Articles

Back to top button