Izindaba

Imibandela eqinile kwibheyili kaSibanyoni negenge

Sihle Mkhize

Libuyela enkantolo ngomhla ka-1 September icala elibhekene nosomabhizinisi owaziwa ematekisini uJohannes “Joe Ferrari” Sibanyoni, Bafana Sindane nabanye asolwa nabo.

Ngalolu suku kuyobe sekukhulunywa ukuthi liqulwa nini njengoba namhlanje (Lwesine) bekhishwe ngebheyili ka-70 000 umuntu emunye.

IDelmas Magistrate’s Court inqume ukuthi bayothikitha njalo emva kwamasonto amabili esiteshini samaphoyisa njengoba besengaphandle ngebheyili.

Laba solwa babhekene namacala okufuna imali ngo”dli” nokushintshana ngayo ngendlela engekho emthethweni.

Abasolwa ababoshwe noSibanyoni uSindane, Phillmon Makhaya Msiza  noMvimba Daniel Masilela.

Abashushisi bathi phakathi kwa-2022 kuya ku-2025, abasolwa baphoqa usomabhizinisi waseMpumalanga eNkangala district ukukhokha imali engaphezu kwaR2.2-million.

Le mali bathi eyokumvikela bamsabisa ngokuthi uma ehluleka bazolivala ibhizinisi lakhe.

Ngesikhathi kuqhubeka leli cala u-Advocate Shaun Abrahams ucele ukuthi uSibanyoni noSindane bona babike ngendlela elhethekile ngoba nabo bayasongelwa.

Inkantolo igcizelele ukuthi abasolwa bangagxambukeli ekuphazamiseni uphenyo kubamangali njengoba sebethole ibheyili.

Marketing and advertising Call or WhatsApp 073 062 1169

Related Articles

Back to top button