Ezemidlalo

IChiefs iqale u-2025 ngenduku eKapa

LIWUQALE ngenduku unyaka ka-2025 iqembu leKaizer Chiefs linenebulwa yiCape Town City ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership.

Umqeqeshi waleli qembu owafika ethwele ngeqoma uNasreddine Nabi ubone amaphutha amadala, nabevele elimaza iqembu lakhe phambilini, kuseyiwo abaholele oPhathe.

Ukuveze lokhu kulandela ukuthi iChiefs ivuliswe unyaka ngenduku.

Lo mdlalo obuseDHL Stadium, ubungomunye obubhekwe kakhulu njengoba bekunethemba lokuthi iChiefs izowuvula kahle unyaka.

“Ngeshwa senze amaphutha afanayo. Besingakwazi ikakhulukazi esiwombeni sokuqala ukuthatha izinqumo ezifanele.

“Bathole ithuba behlasela ngokuzuma, bathola igoli babe sebesivimba ukufa ukuthi sibuye,” kusho uNabi.

Isiwombe sokuqala siphele zibambene, ingekho egoba uphondo futhi alikho ebeliphethe umdlalo noma ebelifanelwe ukuhamba phambili.

Izinto zijike esiwombeni sesibili ngesikhathi iCity ihlasela ngokuzumisa, uThabo Nodada ukhiphe ibhola elide kade bechitha umnyakazo weChiefs.

Ibhola lakhe liwele phambi kukaDarwin Gonzalez, obe esehubhisa izitobha zeChiefs utalagu waze wayolinamathisela enethini.

Leli goli lingene ngomzuzu ka-51, futhi yize iChiefs izamile ukulikhava nokho lugcine lugobile uphondo, asala wonke amaphuzu eKapa.

IChiefs seyizobheka ukujika izinto emdlalweni olandelayo uma seyibhekene neStellenbosch FC ekhaya ngoLwesithathu ebusuku.

Lisenethini

Related Articles

Back to top button